Sesidaluliwe isifo esidla buthule umsakazi woKhozi FM
Bahle Mkhize
UMSAKAZI woKhozi FM uZanele Mbokazi uhlaselwe isifo somdlavuza wamaphaphu.
Lezi zindaba zidalulwe umyeni wakhe uBishop Mpemdulo Nkambule.
UBishop ubehambisana nomphathi siteshi oKhozini FM uSbongi Ngcobo ngoLwesibili ekuseni kwiVuka Breakfast Show (VBS).
UMbokazi ungene esibhedlela emasontweni amabili edlule kulandela ukuvukwa ukugula ephelelwa yizwi esakaza.
“Silapha ukuzonikeza umphakathi ulwazi okuyilo ngoba bese beqalile abantu ukubuza ngempilo kaZanele nokukhuluma okungeyikho.
“Simyise esibhedlela ngoMsombuluko owedlule odokotela bamxilonga baze bamhlinza. Babe sebethola ukuthi unomdlavuza wephaphu.
“Umndeni uthukile nabazalwane abebelokhu besikhulekisa. Uma kunje sazi ukuthi sizophakamiaela amehlo wethu ezintabeni lapho usizo lwethu luvela khona,” usho kanje.
UNonjabulo Mdluli wenkampani iMirror PR, watshela abezindaba ukuthi uZanele uqale ukugula kusuka ngo-Ephreli 21.
“Wafika emsebenzini ekuseni wangakwazi ukusebenza ngenxa yokugula uhlelo lwabanjwa uMaMkhize Ndlovu.
“Wayephethwe isibhobo esibi kodwa ekuhambeni kwezinsuku wazizwa esengcono.
“NgeSonto ubuyelile emsebenzini ezizwa esephilile kodwa uthe efika ukugula kwaqala phansi, iphimbo lakhe lahoshozela kakhulu, nomoya ewudonsa kanzima kwaba sengathi unephika.
“Kodwa kukhona konke sibonga imikhuleko evela kubefundisi abehlukene nabazalwane nemiyalezo ezinkundleni zokuxhumana,” washo kanje uNonjabulo.