Owesifazane osemncane emlandweni ngomdlalo wezikebhe
Phila Luthuli
UHLABENE ngomfundaze uVuyisile Jaca (25) oqophe umlando eba owokuqala waseNingizimu Africa futhi wesifazane ukunqoba emncintiswaneni wokuntweza ngezikebhe.
UNgqongqoshe weZemidlalo, ubuCiko namaSiko uDkt Ntuthuko Mahlaba uhlabeke umxhwele wathembisa uVuyisile umfundaze kulo mkhakha oshalazelwa abaningi.
Umcimbi wokwamukela le ntokazi ekade isolwandle izinsuku ezingu-54 ubuthanyelwe eThekwini, eDurban’s Point Yacht Club ngoLwesibili.
“Ukunqoba kwakho kwenzeke kahle ngesikhathi sigubha iminyaka engu-30 yenkululeko. Ngibonga nesikole iJ.G Zuma okuyisikole okade ufunda kuso. Namhlanje sikhuluma indaba yokuthi unelayisensi ekhethekile yokuba semanzini okuyinto esingakaze suyiphuphe ukuthi iyokwenzeka,” usho kanje uDkt Mahlaba.
UNgqongqoshe uphinde watusa uVuyisile ngokuthi uqophe umlando ongeke ucishwe muntu kule minyaka anayo.
UVuyisile okhulele kwaMashu unqobe lo mqhudelwano nethimba lakhe labasifazane.
Le ntokazi ithe ngesikhathi iphuma esikoleni abazali bayo babengenayo imali yokumfundisa eNyuvesi, kodwa wangalilahla ithemb ngempilo.
Uthi wathola leli thuba elingqayizivele kodwa wayengenaso isiqiniseko sokuthi uzokwenza kwenzeke yini efaka isicelo.
“Njengabo bonke abantu abaningi abamnyama bayakunqena ukubhukuda futhi banezinkolelo ezithile. Nami benginjalo futhi ngize ngafunda ukubhukuda ngo-2019. Ngiqala, ngabuzwa ukuthi nginesiqiniseko yini ukuthi ngikulungele ukuba kulo mncintiswano ngavuma yize ngangingenaso isiqiniseko,” usho kanje.
Uthi sekuyiphupho ukuthi uKhisimusi akawazi njengoba washaya bentweza emanzini.
Phakathi kwamazwe awanqamulile kubalwa iBrazil, New Zealand, England namanye amaningi