Sikhulu isililo kushona umlingisi uConnie Chuime
Liyah Mseleku
SIKHULU isililo kushona umakadebona kwezokulingisa uConnie Chiume (72) esibhedlela.
Izindaba zokudlula kwakhe emhlabeni ziqinisekiswe wumndeni wakhe ngesitatimende osinameke ekhasini lakhe ku-Instagram. UConnie (72) ugqame emidlalweni yethelevishini esingabala kuyona iZone 14, Yizo Yizo, Black is King, Blesses, Rhythm City, Black Panther neGomora neminye eminingi.
“Umndeni wakwaChiume unazisa ngokubuhlungu bokuhamba emhlabeni kwenqalabutho eqoqe nezindondo uConnie Chiume. UChiume ushonele eGarden City Hospital, ngomhla ka-6 Agastib 2024. Umndeni ucela ukunikwa isikhathi sokuzila esinzima. Ngokuhamba kwesikhathi sizoxhumana nani ngemininingwane,” kubhalwe kanje.
UPanyaza Lusufi ungomunye wabadlulise amazwi enduduzo emndenini.
“Uhambe kahle Mama, Kubuhlungu kodwa uyilimile indima yakho, siyazigqaja ngokuzuzile #RIPConnieChiume,” ubhale kanje.
UHulumeni waseNingizimu Africa ubhodle emswaneni nawo ngombhalo ezinkundleni zokuxhumana.
“Alehlanga lungehli emndenini. Sithi duduzekani bangani nani ebenisebenza nabo. Imisebenzi yakho emihle qhawekazi iyohlezi ikhumbuleka,”
Iningi limkhumbula njengensika yomndeni uMaMokete Khuse kwiRhythm City, owayenza noma yini ukuvikela nokunakekela izingane zakhe uTshidi, (Nokuthula Ledwaba) noStone, (Zenzo Ngqobe).
UConnie uqale ukulingisa ekuqaleni kwama-80s edlala indawo kaThembi kumdlalo owuchungechunge iNkom’Edla Yodwa. Uhamba nje phakathi kwezindodo azinqoba ayisalanga ngaphandle iSouth African Film and Television Awards (SAFTA).