Ezemidlalo

Umnikelo kuvaleka amehlo koweKaizer Chiefs

LOWO owadlala kwiKaizer Chiefs naseqenjini lesizwe lika-Under 23 elalibizwa ngaMaGlug-Glug uPatrick “Ace” Mbuthu uzoqongelelwa imali yokuhlinzwa amehlo njengoba engasaboni kahle.

Lokhu kuzokwenziwa ilabo adlala nabo isikhathi eside eqenjini lesizwe.

Muva nje izinkakha zakuleli zingcweke nabaseBotswana eGaborone eNational Stadium.

Abadlali bakuleli ababonakala enkundleni bejabulisa abalandeli kubalwa oTeko Modise, Siphiwe Tshabalala, Reneilwe “Yeye” Letsholonyane, Stanton “Stiga” Fredericks, Brian “Spider” Baloyi, Fabian McCarthy, Lebogang “Cheeseboy” Mokwena Jabu Mahlangu noMathew Booth.

Abadlali abadala beChiefs badlale owobungani nabeBloemfontein Celtic eToyota Stadium eMangaung.

UBooth uthe inhlangano yakhe engenzi nzuzo nebhekelela abadlali abadala asebephila ngokukhubazeka, iqongelele imali kule midlalo ekholwa ukuthi izosiza uMbuthu.

Uthe kunenye imali abayiqongelelile ezosiza abadlali abathathu bakudala baseBotswana.

UBooth uthe: “Kuyasijabulisa ukumemezela ukuthi sikwaze ukuqongelela imali engu-R20 000 esizoyinikela emndenini kaMbuthu eFree State lingakapheli leli sonto. Sisuka kude noMbuthu sidlala kumaGlug-Glug saze sayodlala kuma Olympics ayeseSydney e-Australia ngo 2000. Sasilwa siwa sivuka sibambisene nabantu abanjengo Mbuthu siqeqeshwa uShakes Mashaba. Ingakho sihlanganise amakhanda nozakwethu saqhamuka nombono wokuthi sizame ukuqongelela imali ezosiza omunye wozakwethu oyibekile induku ebandla ebholeni lakuleli,”

 

 

 

 

Related Articles

Back to top button