Izindaba

Bekutatazela nogqihile kuvela uPastor Mboro enkantolo

BEZIQINILE ezokuphepha ngaphandle kwenkantolo abantu befike ngenzinkani bephethe izingqwembe ezithi “Phansi ngoMboro.”

Amaphoyisa afike ngemoto enkulu inyala esiqaphe ngeso lokhozi isimo kwazise ngayizolo umphakathi nezingane zesikole zivuke umbhejazane zayoshisa zangqongqisa isonto likaMboro i-Incredible Happenings.

Ukushiswa kwelanywe ukubonakala kwakhe ezinkundleni zokuxhumana ephethe ucelemba esikoleni.

UPastor Mbhoro ubengaqali ukukhiphela abantu ucelemba.

Lokhu kuvezwe uKgadi Hlalele ongu-auntie wezingane ezilandwe ngoshova uMbhoro nabanye abesilisa esikoleni iMatshidiso Primary eGoli ngoMsombuluko.

Ubekhuluma nabezindaba ngoLwesithathu emini ngaphandle kwePalm Ridge Magistrate Court lapho uMboro nabanye abasolwa bebevele khona enkantolo.

Baboshelwe ukufika nezikhali esikoleni, ikisabisa, ukushaya nokucekela phansi impahla.

UHlalele uveze ukuthi nguye ohlala nalezi zingane ezineminyaka ezimbili njengoba zashonelwa unina ngo April kulo nyaka. Elandisa abezindaba uthe.

“Lo msindo uqale ngoLwesine mhla ka-1 August ngesikhathi indodana kaMbhoro ithatha izingane esikoleni. Ngakusasa aziyanga esikoleni sase siya kwaMboro namaphoyisa. Ufike wasikhiphela ucelemba wasisabisa phambi kwamaphoyisa. UMboro uyindlavini futhi unguphuma silwe akaboniseki. Ngokwami akumfanele ukuthi anikwe ibheyili. Seside isikhathi egila le mikhuba ingakho kumele umthetho udlale indima yawo”

Uqhube wathi kubantu ababoshiwe kukhona nogogo wezingane nomalume, athe ngokwakhe bona abanacala.

“Iyangixaka indaba yokuboshwa kukagogo njengoba kuthiwa ubanjelwe ukushaya. Thina njengomndeni asikhumbuli simbona eshaya abantu bakaMboro. Kuyasixaka futhi ukuboshwa kukamalume kodwa nguye owayejahwa uMboro nabantu ngocelemba. Ngithandazela ukuthi badedelwe ngoba into abebeyilwela ukuthi kukhululwe izingane zizohlala lapho zinethezeke khona”.

Icala lihlehlele umhla ka-16 Agasti.

 

Related Articles

Back to top button