Ezokungcebeleka

Sekuphinde kwagadla ukufa endimeni yezokungcebeleka  

Amkelwa Nguse 

ISIPHINDE yagubezelwa yifu elimnyama imboni yezokungcebeleka eNingizimu Afrika kulandela ukudlula emhlabeni komlingisi uSello Motloungu.

Izindaba zokushona kwakhe ziqinisekiswe ngu-Actor Spaces ekhasini laku-Instagram.

Lesi sihlabani ebesineminyaka engu-53 ubudala, saziwa kakhulu ngokulingisa emidlalweni yethelevishini okubalwa iBackstage, Mamello, kanye neRing of Lies.

Isitatimende esivela ku-Actor Spaces sigcizelele isicelo somndeni sokuthi banikizwe isikhathi ngalesi sikhathi esinzima.

“Siphatheke kabi ukunazisa ngokudlula emhlabeni kwababa uSello kungazelele muntu ngeSonto. Umndeni wakhe ushaqekile. Sizomkhumbula ngemisebenzi yakhe emihle. Umoya wakhe uzoqhubeka uphile ngisho nakusizukulwane esilandelayo. Lala uphumule Sello uyohlezi uwukukhanya ezinhliziyweni zethu,” kusho isitatimende.

Kudlula emhlabeni nje uSello isizwe sisazikhotha amanxeba kulandela ukushona komlingissi ongumakadebona uDarlington Michaels (54) obedume ngo Papa G.

NgoMgqibelo kuvukwe ngezithi uPapa G udlule emhlabeni ngayizolo.

Ushone emuva kokugula isikhashana.

Lolu qweqwe luzakhele idumo kwiSidingo kwiSABC3 elingisa indawo kaZamdela kusukela ngo-1997.

Khonamanjalo, sisasesikhulu isililo endimeni yezobuCiko kulandela ukudlula ngokuzuma emhlabeni kwasomahlaya ophinde abe umculi uPhilani Mabanga obedume ngoMfundisi uNtshebe.

Udlula emhlabeni nje ubesanda kukhala esidlangalaleni kwivideo ayinameka kuTikTok ekhala ngokudliwa amandla kwamandla wakhe endimeni kaqedisizungu.

Leli ciko liyingxenye yamavulandlela emculweni we-Hip Hop kuleli lisazibiza ngo-2Black2Strong futhi labamba iqhaza nasemculweni weR&B lisazibiza ngoKalashnikov ngeminyaka yo-1990.

Related Articles

Back to top button