Izindaba

AmaQ Twins abalwe nezintombi “ezingayibhubhudlanga”

Amkelwa Nguse

IZINKULUNGWANE zezintombi zamaZulu bezibuthene eSigodlweni Enyokeni ngempelasonto ukuzobungaza isiko lazo futhi zethule umhlanga enkosini uMisuzulu emcimbini woMkhosi Womhlanga .

Lo mkhosi ubugubha iminyaka engu-40 wavuselelwa yiSilo uZwelithini kanye neNdlovukazi uMantfombi Dlamini Zulu.

UMntwana uZelamile Zulu wendlu yasebukhosini uhole ithimba lezintombi ngenkathi ziyothula umhlanga enkosini uMisiZulu.

Njengengxenye yesiko, amantombazane aqale ngokuhlolwa ubuntombi bese ethola ichashaza elimhlophe esiphongweni, okuqinisekisa ubuntombi bawo.

Amawele akwaQwabe okunngabaculi abadumile abaziwa ngelika Q Twins, bebephakathi kwezintombi ebezihambele lo mgubho beyothula umhlanga wabo enkosini.

“Ungaba umculi uphinde ube yintombi, siyazitshengisa izingane ukuthi kuyenzeka. Umhlanga uziqoqile izingane eziningi, nathi siyazifaka kuleyo ngxenye. Emhlangeni kubuye kufundwe nendlela yokuziphatha njengomuntu wesifazane. Ukwethula umhlanga wethu kuyindlela yokuhlonipha inkosi nokubungaza isiko lethu lamaZulu,” kusho uVirginia Qwabe newele lakhe.

ISilo uMisuzulu sinxuse abebehambele umcimbi ukuthi bazigqaje ngamasiko wabo futhi bangajahi ukungena ebudlelwaneni.

“Ningomama bakusasa besizwe sakithi. Ungajahi amadoda, ngeke anyamalale,” weluleka ebakhuthaza ukuthi bagxile ekukhuleni nasekuphumeleleni kwabo.

Umkhosi womhlanga uwumcimbi usaqhubeka nokuba yisisekelo sokugcinwa kwamasiko kanye nokuthuthukisa abesifazane abasebasha abangamaZulu.

Iningi labahambele lo mgubho lizwakalise ukubonga ngezifundo abazitholile kanye nethuba abalitholile ukuhlonipha isiko eliyigugu kubona.

Related Articles

Back to top button