IChiefs iqale iligi ngegiya eliphezulu inqoba
IKaizer Chiefs ivale imilomo yabaningi emdlalweni wayo wokuqala ivula ngewini kwiBetway Premiership.
Amakhosi abedudulana neMarumo Gallants eFree State Stadium ngoMgqibelo kusihlwa.
Bekuwumdlalo wokuqala osemthethweni ngaphansi komqeqeshi omusha uNasreddine Nabi.
Nakuba ukudlala kweChiefs kukhombise ukuthi kusakhiwa, kodwa kuvele nezimpawu ezithembisayo ngekusasa laleli qembu laseNaturena.
UNabi uqale ngabadlali abahlanu abasha eqenjini futhi bonke benze kahle emdlalweni wabo wokuqala.
Amehlo amaningi kufanele ukuthi abegxile kuGaston Sirino ojoyine ngemuva kokushiya iMamelodi Sundown engompetha beligi.
Lo mdlali wasesiswini ohlaselayo oneminyaka engu-33 ube nomdlalo omuhle, futhi ubengalishaya negoli, kodwa inhlanhla yamphika.
UFiacre Ntwari, ongunozinti, ojoyine leli qembu esuka kwiTS Galaxy, uqale kabi engenelwa yigoli emizuzwini eyisikhombisa umdlalo uqalile.
Kodwa ukwazile ukuphinde aziqoqe, aqhubeke nomdlalo futhi wavimba amanye amabhola abenzima.
IChiefs ithole elokulinganisa ngomzuzu ka-18 ngonyawo luka Mduduzi Shabalala, uMfundo Vilakazi washayelela isipikili sokugcina.
IGallants iqede lo mdlalo ngabadlali abangu-10 ngemuva kokuthi uJoseph Molongoane ekhishwe ngenxa yokudlalisa kabi uWandile Duba.