
Lichithekile iphalishi kwisikhulu esigingqane ngenqindi nomgijimi
Philasande Luthuli
Lichithekile iphalishi kuSteve Mkasi obengumengameli weKwaZulu-Natal Athletics (KZNA).
Ibhodi lale nhlangano lithathe isinqumo sokumxosha ngoMsombuluko.
Lesi sinqumo esiphuthumayo sithathwe kulandela ivideo engundabamlonyeni kumanje ezungeza ezinkundleni zokuxhumana eveza uMkasi elwa ebhuquzisana emgwaqeni oyitiyela nomgijimi.
IPurpose ithole ukuthi lo mgijimi ungaphansi kweRavens Athletics Club.
Kukholakala ukuthi mpi isuswe imibhalo elumelayo enamekwe umgijimi ezinkundleni zokuxhumana ngoMkasi.
Leli phephandaba lizizwele inkulumo eqoshiwe uMkasi efonela lo mgijimi behilizisana embuza ukuthi ungakuphi nebala wanikwa ikheli.
Akuphelelanga isikhathi esingakanani watheleka uMkasi ethelwe ngezibonkolo kanti uzofika zigawulwe zabekwa zatholana phezulu.
Kube ongaphansi nongaphezulu kukhona oqopha ivideo.
Ibhodi leKZNA alipholisanga maseko lamkhipha esikhundleni lafaka uKhura Buthelezi, obeyisekela likaMkasi, ukuthi kube nguye ohola le nhlangano.
“Ngiyazisola kakhulu ngesenzo sami, sokuzithola ngikulesa simo obekuyinto ebengingayigwema. Ngibe sephutheni elikhulu. Ngiyazisola ngendlela engiziphathe ngayo,”
“Le nto eyenzekile kayihlangene neKZNA, yinto ethinta mina siqu sami. Le nto igcine isidweba isithombe esimbi ngeKZNA okuyinto embi. Ngicela ukucacisa ukuthi iKZNA ayingeni kule nto,” kuxolisa uMkasi kwabezindaba.
“Ngiyakuqonda ukuthi njengomholi kufanele kube nendlela engiziphatha ngayo. Ngidlulisa ukuxolisa kubo bonke abagijimi, kubantu baKwaZulu-Natal nakubo bonke abathintekayo,” kuqhuba uMkasi.
Uthembise ukuthi isenzo esifuze lesi ngeke siphinde senzeke. Uphethe ngokuthi bahlanganile nomsubathi bathelelana amanzi.
Marketing and advertising Call or WhatsApp 073 062 1169



