Umlando kuphela iminyaka (40) kwavuselelwa uMkhosi Womhlanga
KUQOPHEKE umlando kuphela iminyaka engu-40 Umkhosi Womhlanga wavuselelwa iSilo uZwelithini kaBhekuzulu.
UMdlokombane beneNdlovukazi uMantfombi kaSobhuza uMaDlamini wakwaKhangela Amankengana yibo abavuselela lo mkhosi ngo-1984.
Lo mkhosi odonsa amahlo ngisho naphesheya kwezilwandle waqalwa iSilo uMpande kaSenzangakhona kodwa wabhidlizwa amaNgisi ahlasela uZulu ngo-1883.
Lokhu kwavela enkulumeni kaMntwana uThembi maZulu-Ndlovu ongasekho ayenza ngo-2004 ngesikhathi kubungazwa ikhulunyaka kwasungulwa lo mkhosi.
UMntwana uThembi uthi iSilo uMpande sasungula lo mkhosi ngemuva kokuba izintombi zazikade zivika izinsizwa ngezinduku zomhlanga ezazisuke zizama ukuzidlwengula.
“ISilo uMpande sabe sesiqala lo Mkhosi ukuvikela izintombi nokugwema ukuba ziyocansini zingakagani,” kusho uMntwana uThembi.
Waqhuba wathi lo mkhosi ubusuyigugu kwaZulu, kwabe sekugasela amaNgisi ehlasela uZulu.
UMntwana waveza ukuthi impi yango-1883 yiyo eyaqeda ngoMkhosi woNhlanga wagcina usukhohlakala.
UMntwana uThembi ungomunye wabanconywayo ngokweseka lo mkhosi njengoba uMdlokombane amuklomelisa ngendondo yobuKhosi.
Nakuba lo mkhosi uthalaselwa yiningi kodwa inkinga yamabhasi kuvame ukuba yiyo eseqhulwini.
I-Durban University of Technology neMangosuthu University ikhethe ukuzihlelela izintombi ezifunda khona amabhasi okuhamba ngaphandle kwezinkinga.
Lokhu kugqame ngoMgibelo njengoba lezi zikhungo zidedele izintombi ukuba zihambele uMkhosi woMhlanga oseNyokeni.
Umama ohlola izintombi eThekwini uNkk Noziphiwo Gcumisa uthe bona bafike ngoMgqibelo ekuseni ngoba bekwenzelwa ukuthi izintombi zingaphazamiseki ezifundweni zazo.
“Ngikhuluma nje amabhasi lawa akhokhelwe i-DUT ne-MUT ukuze kube nesiqiniseko sokuphepha,” kusho uNkk Gcumisa.
Uthe indlela lezi zikhungo zeMfundo ePhakeme esezizibophezele ngayo emikhosini kaZulu, azisahluphi uma kukhona abafundi abafuna ukungenela amaqembu ezintombi zoMhlanga.
Zibalelwa ku-300 izintombi zase-DUT nazase-MUT ezitheleke emhlangeni.