
UMfundisi uNtshebe ushone ekhala ngoMuzi Wezinsizwa
Bahle Mkhize
SIKHULU isililo endimeni yezobuCiko kulandela ukudlula ngokuzuma emhlabeni kwasomahlaya ophinde abe umculi uPhilani Mabanga obedume ngoMfundisi uNtshebe.
Udlula emhlabeni nje ubesanda kukhala esidlangalaleni kwivideo ayinameka kuTikTok ethi kudliwa amandla wakhe.
“La ngaphandle kuningi ukudliwa kwamagazi abantu. Ibika laseMzini Wezinsizwa izinhlamvu zamagama ayebhalwe yimi. Lokho kuyiqiniso, engikusolayo ubutsotsi obenziwa ngoba eziqeshini zokuqala la ngayicula khona ngayibhalisa kwaSamro ngakhokhelwa cishe iziqephu ezingu-25 kuphela. Emuva kwalokho angiphindange ngakhokhelwa. Ngathi sengiyabheka kwavela igama lika David Simelane owayengekho. Nakwa Samro yimi umblali nomculi wayo. Lokho kusho ukuthi kumele nginxeshezelwe. Uthi ingoma yakhe uhlukile kunekaSibeko naye owayelingisa eMzini Wezinsizwa ngoba eyakhe wayinonga wafaka amagaba abalingisi engomeni okubalwa Chirwali, Mkhize noMagubane njll.
Eqhuba kwivideo uNtshebe uyagcizelela ukuthi wuye umbhali wengoma futhi yarikhodwa eSesani studios eGoli.
Uthi uma engaphazami kwakuphakathi kwa-1998-9 erekhoda lengoma futhi ngaleso sikhathi wayesacula iR&B.
“Imali yakwaMabanga iyafuneka Samro phendula,” washo kanje ngaphambi kokuthi adlule emhlabeni.
Leli ciko liyingxenye yamavulandlela emculweni we-Hip Hop kuleli lisazibiza ngo-2Black2Strong futhi labamba iqhaza nasemculweni weR&B lisazibiza ngoKalashnikov ngeminyaka yo-1990.
Khonamanjalo akasekho emhlabeni umakadebona womlingisi uDarlington Michaels (54) obedume ngo Papa G.
NgoMgqibelo kuvukwe ngezithi uPapa G udlule emhlabeni ngayizolo.
Ushone emuva kokugula isikhashana.
Lolu qweqwe luzakhele idumo kwiSidingo kwiSABC3 elingisa indawo kaZamdela kusukela ngo-1997.