Izindaba

Babhikishele izikhungo zokukhipha izisu eThekwini

Amkelwa Nguse

AGCWALE izitaladi nemigwaqo yeTheku, kwaZulu-Natal amalunga omphakathi alwisana nokwanda kwezikhungo zokuhushulwa kwezisu okungekho emthethweni kuleli dolobha.

Le mashi eqale ngoLwesihlanu emini ibiholwa nguMnuz Nhlakanipho Mpungose isuke eGugu Dlamini Park, ngaseWorkshop yaze yayophelela eCity Hall.

Kulapho lapho kuhanjiswe khona incwadi yezikhalo emkhandlwini weTheku.

Le mashi iza ngemuva kwezinyanga ezimbili umphakathi ukhombise ukukhathazeka mayelana nokushoda kwezindlela zokuvimbela inzalo, ukungatholakali kwamakhondomu, kanye nempatho engeyinhle ekhonjiswa abasebenzi emitholampilo yomphakathi.

Kulokhu into ebisekhaleni kubabhikishi wukwanda kwezikhungo zokuhushula izisu okungekho emthethweni.

Kuthiwa lezi zikhungo zisebenza emapaki nakwezinye izindawo zomphakathi eThekwini.

U-Ayabulela Nyawuse, obebambe iqhaza kule mashi, uveze ukuthi izikhungo eziningi zikhangiswa kwi-internet nokuyinto enzima ukuyivimba.

“Intsha yethemba u-Google ukwedlula izikhumbo zezempilo ezisemthethweni,” kusho uNyawuse, egcizelela ukufinyelela kalula ezinsizeni eziyingozi nge-internet.

Muva nje kusanda kutholakala umbungu eBrea Centre, okuqubule ulaka phakathi emphakathi kusolwa izikhungo ezingekho emthethweni.

Lezi zishoshovu zifuna uMasipala usebenze ngokubambisana nezinhlangano zezempilo ukuze kuliwe nalezi zenzo ezingekho emthethweni.

Izakhalo zababhikishi zamukelwe

uMnuz Mlungisi Ntombela egameni leMeya yeTheku.

Izishoshovu sezilindele umnyakazo, nethemba lokuthi imizamo yazo izoholela ekuqedweni kwalo mkhuba. Kuphinde kuqhanyukwe nohlelo olungcono lwezempilo kubantu base Thekwini.

Amehlo asethe njo ezinyathelweni ezilandelayo ezizothathwa uMasipala ukubhekana nalezi zinkinga.

Related Articles

Back to top button