Ezemidlalo

Thola isazathu okuyiso esithathe umphefumulo kaJayden Adams

Kube nokushaqeka okukhulu emndenini webhola eNingizimu Afrika kulandela izindaba zokushona komdlali wasesiswini weBafana Bafana neMamelodi Sundowns, uJayden Adams, eneminyaka engu-25 ubudala.

U-Adams usanda kumela iNingizimu Afrika kwiNdebe yoMhlaba, lapho ebonise khona ikhono lakhe ezingeni eliphezulu emqhudelwaneni omkhulu webhola emhlabeni.

Imininingwane ngokushona kwakhe ayicaci okwamanje. Kodwa ILisenethini ithole ukuthi uzikhungile ngemuva kokuxabana nentombi yakhe.

Ngokombiko weSoccer Laduma imenenja yalo mdlali ikuqinisekisile ukuthi useshonile.

IMamelodi Sundowns nayo ithintwe mayelana nalolu daba, kodwa ayizange iqinisekise noma iphike lezi zindaba.

Kunalokho, icele ukuthi umndeni unikezwe isikhathi nesikhala kule nkathi enzima.

Imenenja ka-Jayden Adams, uBrendine Johnson, ukhulumele umndeni, eveza ubuhlungu obukhulu obubhekene nalabo abebesondelene nalo mdlali.

“Sisezinhlungwini kakhulu okwamanje. Umndeni awukakulungeli ukukhuluma nanoma ubani ngoba usathukile.

“Lokhu kushona kushiye wonke umuntu ephukile enhliziyweni. Besesanda kubuya kwiNdebe yoMhlaba, kwase kufika lezi zindaba ezibuhlungu,” kusho uJohnson.

“Ngikhulume naye ngoLwesine. Uejabule futhi ebheke ngabomvu ukubuyela ekilabhini ngemuva kweNdebe yoMhlaba, njengoba eyingqwele yeCaf Champions League futhi elungele izinselelo ezizayo.

“Ubethanda ukuchitha isikhathi nomndeni wakhe. Okwamanje anginawo amazwi.

“Sicela kuphela ukuthi kuhlonishwe umndeni. Ngingakuqinisekisa ukuthi useshonile. Bekungekho muntu obelindele lokhu.”

U-Jayden Adams wazakhela igama ngesikhathi edlalela iStellenbosch FC ngaphambi kokuthuthela kwiMamelodi Sundowns, lapho aphinde wazakhela indawo eqenjini lesizwe iBafana Bafana.

Indlela adlale ngayo kwiNdebe yoMhlaba yakamuva ikhombise ukuthi ubengomunye wabadlali abebeqhubeka nokukhula ebholeni laseNingizimu Afrika.

ILisenethini idlulisa amazwi enduduzo emndenini wakwa-Adams, kwiMamelodi Sundowns, kwiBafana Bafana nakuwonke umndeni webhola.

Marketing and advertising Call or WhatsApp 073 062 1169 

Related Articles

Back to top button