Izindaba

Usekude ukubona ilanga uTwala otokile 

Liyah Mseleku 

Usekude ukubona ilanga uLongwe Twala otokile

USAZOTOKA izinsuku uLongwe Twala (39) ogqunywe esitokisini kulandela ukuboshwa uyise uChicco ngezinsolo zokweba nokugqekeza estudio sakhe.

Lesi sigameko iPurpose yabika ngaso

emasontweni adlule lapho uChicco wayehambele e-United Stated wabuya eselahlekelwe yizimpahla.

ULongwe uvele kancane enkantolo yeMantshi yaseRandburg, ngoMsombuluko, ngamacala okugqekeza nokweba.

Imantshi u-Abdul Khan itshele uLongwe ukuthi ngeke bakwazi ukuqhubeka necala ngemuva kokuthi ummeli ecele ukuthi icala lihlehliswe.

“Mnumzane Twala, udaba luzobuyela enkantolo ngoSepthemba 25. Ummeli wakho ucele isikhashana ukuze athole ulwazi olwanele ngecala. Ucele uMbuso isikhathi sokulilungiselela icala lakho, uzohlala esitokisini uze uzwe ngebheyili yakho ngesonto elizayo,” kusho yona

Le nsizwa yaboshiswa uyise uChicco Twala ngemuva kokufica kwakhe kugqekeziwe, kwebiwe nemishini yakhe ebiza izinkulungwane zamarandi.

UChicco wanikela esiteshini samaphoyisa eDouglasdale, wavulela amadodana akhe amabili, uLongwe noSello, amacala okugqekeza nokweba.

Njengamanje uLongwe usele yedwa necala ngemuva kokudedelwa komfowabo uSello ayeboshwe naye ngamacala afanayo.

USello wadedelwa ngomhla ka-12 kuSepthemba ngemuva kokuba kuvele enkantolo ukuthi abukho ubufakazi obanele obumhlanganisa nala macala.

ULongwe uthole ummeli woMbuso ocele inkantolo ukuba imnikeze isikhathi sokuthola imininingwane eyanele ngalo.

Related Articles

Back to top button