Izindaba

Umndeni kamfundisi uNtshebe enkingeni yemali yomngcwabo

Bahle Mkhize

UMNDENI kaPhilani Mabanga (54) obedume ngomfundisi uNtshebe unxenxa oMsamariya abanesihawu ukuthi baphonse umnikelo ebhange laseCapitec.

Lokhu kuvezwe uMnuz BI Phakathi owaziwa kakhulu ngezinkulumo ezakhayo nokhonze ukulula isandla lapho kudingeka khona.

UNtshebe okunguPhilani Mabanga ushone ngoLwesihlanu olwedlule ekhaya eKtlehong, eGoli, emuva kokukhala ukuphathwa yikhanda.

“Usomahlaya odumile uPhilani Mabanga aka mfundisi uNtshebe ushonile, ubedume ngokuhlekisa abantu esebenzisa umculo namahlaya. Umndeni wakhe ucela usizo ukuze ubhekane nezindleko zomngcwabo. I-acc yomndeni uCapitec 1632693796 ekaBongani Mabanga. Uxhaso lwenu luyosho lukhulu,” ubhale kanje ezinkundleni zokuxhumana.

Udlula emhlabeni nje ubesanda kukhala esidlangalaleni kwivideo ayinameka kuTikTok ethi kudliwa amandla wakhe.

“La ngaphandle kuningi ukudliwa kwamagazi abantu. Ibika laseMzini Wezinsizwa izinhlamvu zamagama ayebhalwe yimi. Lokho kuyiqiniso, engikusolayo ubutsotsi obenziwa ngoba eziqeshini zokuqala la ngayicula khona ngayibhalisa kwaSamro ngakhokhelwa cishe iziqephu ezingu-25 kuphela. Emuva kwalokho angiphindange ngakhokhelwa. Ngathi sengiyabheka kwavela igama lika David Simelane owayengekho. Nakwa Samro yimi umblali nomculi wayo. Lokho kusho ukuthi kumele nginxeshezelwe. Uthi ingoma yakhe uhlukile kunekaSibeko naye owayelingisa eMzini Wezinsizwa ngoba eyakhe wayinonga wafaka amagaba abalingisi engomeni okubalwa Chirwali, Mkhize noMagubane njll.

Uthi uma engaphazami kwakuphakathi kwa1998-9 erekhoda lengoma futhi ngaleso sikhathi wayesacula iR&B.

“Imali yakwaMabanga iyafuneka Samro phendula,” washo kanje ngaphambi kokuthi adlule emhlabeni.

Leli ciko liyingxenye yamavulandlela emculweni we-Hip Hop kuleli lisazibiza ngo-2Black2Strong futhi labamba iqhaza nasemculweni weR&B lisazibiza ngoKalashnikov ngeminyaka yo-1990.

Udadewabo kaNtshebe Simbizini Maphanga ucashunwe ethi uzongcwatshwa ngoMgqibelo eKatlehong.

Related Articles

Back to top button