USomizi Mhlongo ushiswa wuthando lomculi kaMaskandi
Philasande Luthuli
USOMIZI Mhlongo (51) okwaziwayo ukuthi uzisikela kwelinonile kwamanye amadoda uyasha uthando lomculi kaMaskandi uNtwencane.
UMhlongo unomlando omude wokuba sothandweni nabesilisa.
Muva nje uSomizi ubuya emshadweni noMohale Motaung okwaphela sekukubi sebebekana amabala ngisho nakwabezindaba.
USomizi wake waveza nokuthi wayesha amashushu ngomnikazi nomethuli wePodcast and Chill, uMac G inkinga kwaba wukuthi wayesemncane.
Le nkulumo yabanga umsindo ezinkundleni zokuxhumana abantu begxeka uSomizi ngokuhamba ezisikela amaqatha anonile.
UMnuz Mthokozisi Zuma oyimanager kaKhuzani aphinde abe ngumphathi wenkampani Indlamlenze Group and Production okuyiyona ehlela lo mcimbi ukufakazele lokho ukuthi uSomizi uyasha uthando lwaNtwencane.
UZuma ubekhuluma eMhlanga, eMushroom Lounge, lapho bekwethulwa khona iGcwalisa Spring Picnic ngoMsombuluko.
Kulokhu lizoganya ngomunye umhlathi kwabazohlungelwa ukungenela lo mcimbi.
UZuma uthe kwi Gcwalisa yalo nyaka kuzobalwa ukuthi umculi unezingoma ezingaki ezinama million views selokhu abakhona emculweni.
Uma abaculi belingana ngokwezinombolo yezingoma mhlawumbe omunye una-5 ezine million nomunye una-5 kuzobe sekubhekwa ukuthi ubani othe ukudlulela ngokwenumber eqondile yama views isibonelo 1.3M omunye 1.2M kusho ukuthi onqobile yilona ka-1.3M.
Bese kuthi labo abasanda kufika emculweni kuzoqhubeka uhlelo lwama likes. Kuzoqokwa abahlanu kuphela. Bazofakwa bonke abanama million bese kwahlulela ama likes. Kwabazongena yilabo abafikayo kodwa esebenayo ingoma enemillion.
Ngokwabahleli lolu hlelo luzosiza kakhulu ekutheni kungangeni abantu ababodwa unyaka nonyaka kuphinde futhi kungancishwa abantu ithuba lokubukela labo baculi abanezingoma ezithandwayo yiningi.
Umcimbi uzobanjelwa eKings Park, eThekwini ngomhla ka-2 Novemba.