Ezokungcebeleka

UPenny Ntuli uchayise izesheli ebeziphethe imali ngamasaka

Bahle Mkhize 

UMSAKAZI weJozi FM ongaconsi phansi kwabaningi uPenny Ntuli, usememezele ukuthi uchayise isiteshi esikhulu ebesimnunusela ngebhodwe eliconsayo.

Namanje abaningi abakakhohlwa ukuthi washiya kwiGagasi FM ngoMashi kumuncu kulandela ukuthenjiswa iholo laR2800 ngenyanga.

Abaningi bakuthatha njengenhlamba lokho naye uPenny wakucacisa ukuthi usencamela ukubulawa indlala abhuquze ekhaya kunokuhola lemali.

Akuphelanga isikhathi esingakanani uPenny wavumbuka kwiJozi FM lapho wagixabezwa khona ngohlelo lwansuku zonke phakathi kwa 9-12 emini.

NgoLwesithathu ekuseni uveze ukuthi usechayise isiteshi thizeni angasibizanga ngegama ebesimeshela.

“Bomzala sengithole ithuba elingqayizivele elingithembisa ukungikhokhela kancono. Ngikhulume neCEO yeJozi FM uBab Njomane, ngimazisa ngakho konke. Kunokuthi athi hlala, uthe ngiyakwethemba ngane yami ekuthatheni izinqumo,” usho kanje.

Eqhuba uthe uma ukhumbule indlela uNjomane abe nesineke ngakhona ezama nokumsiza ukuthi azinze eGoli wambhukhela ihhotela inyanga yonke.

Uthi akagcinanga lapho kodwa ubemhambisa emsebenzini zonke izinsuku ngemoto yohlobo lweV Class.

Okudlula konke lokhu wukuthi wamcosha wamnika umsebenzi wokuba semoyeni kusukela ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu kwiJozi FM.

“Namhlanje nginendondo yeRadio Personality kulo msebenzi ngenxa yethuba engalithola futhi omzala bami bawoglfakazi kulolu hambo. Angfuni ukugijimela lonke ibhodwe eliconsayo ngaleyo ndlela ngisahleli. Ngsazozinza unyaka noma emibili year or kwiJozi FM,” kuphetha yena

Related Articles

Back to top button