Izindaba

Sizulelwa amanqe ‘isigelekeqe’ esifunwa ezika Mkhwanazi

UZULELWA amanqe umsolwa ofunwa phansi naphezulu ezikaMkhwanazi .

Amaphoyisa akwaZulu-Natal asekhiphe incwadi egunyaza ukuboshwa kowesilisa waseMariannhill, eThekwini osolwa ngamacala okukhokhisa imali yokuvikela.

Ngokusho kokhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Robert Netshiunda, umsolwa uMnuz Linda Hlengwa, odume ngelikaPutin nelinye elithi Mjinja, wayeboshwe ngoJulayi 2020.

UNetshiunda uthe lo msolwa oyingozi wayeboshelwe icala lokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni nezinhlamvu.

“Wadedelwa esitokisini kusalindwe imiphumela yokuhlolwa kwesibhamu. Kusuka lapho uwashaya indiva amasamanisi ambizela enkantolo ukuthi ayobhekana namacala ayebekwe wona,” kusho uNetshiunda, othe incwadi egunyaza ukuboshwa kwakhe ikhishwe yiNkantolo yeMantshi yasePinetown ngoSepthemba 9.

UNetshiunda uphinde wadalula nokuthi lona wesilisa ufunelwa noxhaxha lwamacala okufuna ngoshova imali yokuvikela eMariannhill.

Uthe amaphoyisa anxusa noma ngubani ongaba nolwazi ngokuthi uHlengwa ukuphi awathinte ngokushesha enombolweni ethi 08600 10111.

Ekuqaleni kwenyanga kaSepthemba uMareke ubedume ngokuzibiza ngomholi wendabuko e-Eastern Cape lapho abesatshiswa khona okwenyoka udutshulwe wabulawa amaphoyisa

Ubesolwa ngokuhlukumeza osomabhizinisi ebaphoqa ukuba bamkhokhele ukuze “abavikele”.

IKumkani uDalindyebo, eke yahilizisana kwancane indawo noMareke, ithe yize kungaphusile ukukhuluma kabi ngomuntu uma eseshonile, kodwa ngokwayo lo mlisa ubeyiqola efuna ukubizwa ngenkosi ngenkani.

“Akakaze nangelinye ilanga abekwe njengenkosi,” kusho iKumkami ebimsola lo mlisa ngokuhlupha eMthatha West.

UMareke ubesanda kutshela idlanzana labantu ukuthi uyophatha kuze kubuye uJesu, abantu bakhe kuphela abangamkhipha hhayi indoda engavele ifike ithi akaphume nje.

Kumanje uNdunankulu wase-Eastern Cape u-Oscar Mabuyane uzokwethula inombolo yocingo okuzompibtshwa kuyo amaqola akhokhisa abantu imali.

Related Articles

Back to top button