Church

Umhlomulo ka-R5000 kwabazompimpa abashisa itende laMboro

UMFUNDISI Paseka “Mboro” Mapaseka okhishwe ngesonto eledlule yiNkantolo yeMantshi yasePalmridge ngebheyili kaR3000 ufuna abagqugquzele ukushiswa kwesonto lakhe.

UMboro obekhukuma nabezindaba uthembise ukukhipha umhlomulo kaR5000 kulabo abangase bamnikeze umkhondo.

“Ngizokhipha umklomelo kaR5000 kuloyo oyonikeza ngolwazi lokuthi ngobani abahlela umbhikisho wathumela nezingane ukuthi zishise itende lesonto lami. Unonakalo owenzeka ungaphezulu kwemillion. Leliya tende lalilikhulu. Umsindo ubiza imali eshisiwe, keyboard, instruments, izihlalo nakho konke kubiza ngaphezulu kwemillion,” kubalisa uMboro.

Uqhuba ngokuthi akabasoli abantwana ngoba babesetshenziswa.

UMboro owajabulisa okwengame encane ibona amaswidi yinjabulo ngesikhathi ekhishwa ngebheyili wathi akafuni ngisho ukuvulela amacala imindeni yemigulukudu eyashisa itende lesonto lakhe.

“Anginalo ugqozi lokujezisa abazali bemigulukudu eyangihlasela, indaba yetende yinto engathi shu. Mina ngifuna sakhe uxolo,” washo kanje.

UMboro, Baloyi noRevival babhekene namacala angu-12 okuhlanganisa ukuthumba, ukutholakala nesibhamu esingekho emthethweni nokushaya.

Lo mfundisi uzithola esobishini nje isidumo sasuka ngo-Agasti 5 eMatshediso Primary School, eKatlehong, lapho wayebonakala ethatha abazukulu bakhe ababili ngo dli.

 

Back to top button