Ezokungcebeleka

Kuphele itoho kumlingisi onamava kwiSkeem Saam kubuya obeyohlinzwa

Kwande kaZikiza

USEVALELISILE umlingisi ohlonishwayo kulel,i uFlorence Masebe, njengoba ubebambe itoho kuSkeem Saam okungeminye yemidlalo ebukwa kakhulu ku-SABC 1.

UFlorence wayelandwe ngababhali balo mdlalo ngoFebhuwari ekuqaleni konyaka ukuzovala indawo kaHarriet Manamela.

UManamela wayephoqwe odokotela ukuhlaba ikhefu ukuze anake ubuthaka ngempilo yakhe.

Ababukeli balo mdlalo bayincomile indlela uFlorence ayidlale ngakhona indawo kaMeikie, ongafuni lutho ngomndeni wakhe.

Ufike wangena khaxa endaweni kaMeiki uFlorence njengoba kungazange kubonakale ukuthi musha kulomdlalo.

Ukuvezile ukuthi ungumlingisi omdala futhi onespiliyoni.

Ufike waba ngumama ovikela noseka umndeni wakhe ngasosonke isikhathi njengoba ebe ngumama kuNtswaki ongamzali.

Waba naye ezikhathini ezinzima uNtswaki  enukubeziwe ngokocansi.

UFlorence, ezinkundleni zokuxhumana ubonge abekade esebenza nabo kulo mdlalo.

“Sesishayile isikhathi sokuthi ngivalelise kubantu baseTurfloop. Ngiyabonga kakhulu ngokungeseka kwenu, sibe nezikhathi ezimnandi kakhulu. Izobonana futhi ngokuzayo. Ndi a livhuwa. Aa!” usho kanje.

UFlorence, ongowokudabuka eLimpopo, useke wahlabana ngendondo ye-Africa Movie Academy Award emkhakheni weBest Actress in a Leading Role.

UHarriet odlala indawo kaMeiki useluleme futhi usekulungele ukubuyela emsebenzini, njengoba ekade ehlinzwe ithanga.

UHarriet uzwakalise ukubonga kakhulu kuFlorence ngokungena futhi enze kahle endaweni yakhe.

UHarriet ubeke wathi ubiziwe wasabela wafike wadlala indima yakhe ngokulindelekile nokungaphezulu.

 

Related Articles

Back to top button