Ezokungcebeleka

Okwenza u’Mapakisha’ onguCindy engaziboni ejola noMzulu

INTOKAZI edume ngokuba unontantakubukwa uCindy Makhathini uthi akaziboni ejola nendoda yomZulu.

Le ntokazi ayipheli ezindebeni njengoba ivamise ukunameka izithombe zayo ezinkundleni zokuxhumana, ineka obala impilo yobukhazikhazi eyiphilayo.

“Isizathu sokuthi ngingajoli namaZulu ukuthi ngoba vele ngiwumZulu ngaleyo ndlela ngiyayazi indlela abaphila ngakhona.

“Akukhona ukuthi angiwafuni amaZulu ngoba ngithanda abelungu.

“Ngiyawathanda amadoda aseNingizimu Afrika futhi ngikholwa ukuthi kogcina kulungile ekugcineni,” kusho uCindy

Ubuye wacacisa ngendaba yokuthanda kwakhe imali.

“Mina uma ngifuna imali endodeni kusuke kuyimali enkulu, hhayi ushintshi.

“Engivamise ukukwenza ukucela imali enkulu ngoba ngisuke ngifuna ukuqala ibhizinisi futhi ngisuke ngizokukhombisa amaphepha alelo bhizinisi ukuze ubone ukuthi ngiqinisile futhi ngizimisele.

“Ukukhombisa ukuthi angiyena umuntu othanda izinto ingoba angizigqoki izimpahla zamalebuli adumile,” kusho le ntokazi yaseThekwini.

Uvale ngokuchaza ngokufaka iBrazilian Butt Lift (BBL) ezinqeni, wathi imphethe kahle njengoba ne-surgery yahamba kahle.

 

Related Articles

Back to top button