Ezokungcebeleka

Imbongi yabantu ikhiphe umucu igxibha iGNU

IMBONGI yabantu uMzwakhe Mbuli usegxeke i-ANC ngokuvuma ukuthi kubuswe ngokubambisana kwamaqembu i-Government of National Unity (GNU).

UMbuli usekhiphe ingoma edlala imizuzu emithathu namanenjana angu-27 lapho egxeka khona uKhongolose ngokuthi uyanhlanhlatha.

Ngokubona kwakhe i-GNU ayinashintsho ezoqhamuka nalo kepha igcwele izethembiso ezingafeziwe, idukise yabaqeda abavoti kanti abavotile ayibathatheli phezulu.

Kule ngoma uMbuli usebenzisane neSoweto String Quartet, ezwakala iqhamuka kamnandi ngemuva icula iculo lesizwe uNkosi Sikelela.

Uqhube wathi ufisa sengathi amaqhawe asashona ayelelwa inkululeko engavuka emathuneni azibonele ngokwawo okwenzeka eNingizimu Afrika.

Ihlukene imibono nge-GNU njengoba abanye bebona izonika i-Democratic Alliance amandla amakhulu.

Njengamanje leli qembu kuthiwa lifuna ukuzisikela kwelinonile njengoba lifuna ukuthi kuqokwe amalungu eminyangweni ethathwa njengemikhulu.

Bafuna kukhishwe uGwede Mantashe onguNgqongqoshe weDepartment of Mineral Resources noDr Aaron Motsoaledi onguNgqonqoshwe wakwaHome Affairs.

 

Related Articles

Back to top button