Ezemidlalo

Kugawulwe izithenjwa kwiKaizer Chiefs ebidonsa ngodizili

ZITHUSA abaningi izindaba ezivela eNaturena ukuthi ngeke zivuselelwe izinkontileka zabadlali abathathu abathathwa njengezithenjwa kwiKaizer Chiefs.

Izinkontileka zabo ziphela uma kusongwa uJuni.

Laba badlali abathathu bebengabanye abanamava kwiKaizer Chiefs futhi ukuhamba kwabo kufanele ukuthi kuzobathusa abalandeli.

ISABC Sport ibika ukuthi uSifiso Hlanti, uKeagan Dolly noSiyethemba Sithebe bazoyishiya kwiChiefs ekupheleni kwesonto kulandela isinqumo seqembu sokungazivuseleli izinkontileka zabo.

Lokhu kusho ukuthi laba abathathu ngeke babe yingxenye yeKaizer Chiefs kaNasreddine Nabi okubhekwe lukhulu kuyo.

Ngokwalo mbiko, abaphathi baMakhosi bebelinde ithimba labaqeqeshi elisha ukuthi linqume ngabadlali abaphelelwa yizinkontileka eNaturena.

UHlanti, uDolly noSithebe sebazisiwe ukuthi iChiefs isithatha elinye igxathu kanti bona ngeke besadingeka, banikwa nemvume yokukhuluma namanye amaqembu.

Lezi zinkunzi zaseSoweto zizophinde zenze ezinye izimemezelo ngezinguquko eqenjini labaqeqeshi.

UNabi kulindeleke ukuthi athathe lesi sihlalo esishisayo nethimba lakhe elihlanganisa noFernando Da Cruz oyiphini lakhe.

Omunye obemele abadlali okhulume neSABC Sport wacela ukungadalulwa uzwakalise ukungenami ngendlela olusingathwe ngayo lolu daba.

“Abadlali babizwe ekuseni namuhla bavele batshelwa ukuthi izinkontileka zabo azivuselelwa.

“Kodwa ngicabanga ukuthi vele yiyona ndlela leli qembu eselenza ngayo ikilabhu kulezi zinsuku.

“Akulungile kubadlali okumele bafune umsebenzi kulezi zinsuku ezimbalwa ezizayo sikholwa ukuthi ikhona indlela ebingaba ngcono.”

 

 

Related Articles

Back to top button