Izindaba

UMcDonald’s emkhankasweni wokuqwashisa ngokudla okunempilo

UMcDonalds wakuleli uyaqhubeka nomkhankaso “Know Our Food” ukufundisa abathengi ngokudla abakuthengisayo.

UMcDonalds kanye nezinkampani asebenzisana nazo bazimisele ukuveza indlela okwenziwa ngayo ukudla abakuthengisayo. Bathembise ukuhamba loluhambo kuze kube sekugcineni ukuqinisekisa ukuthi ukudla abakudayisayo, akuphazamisani nemvelo ukuze bakukhiqize.

Abathengi banamuhla bayathanda ukwazi ukuthi ukudla abakudlayo noma abakuthengayo kuqhamukaphi, kunani futhi kwenziwa kanjani.

Lemibuzo ilula uma ukudla bezenzela khona emakhaya kodwa lokhu akulula ukwenzeka.

Ukuqaphela kwabathengi kunyuse izinga emakethe ngoba befuna ukudla okubukekayo nokunambithekayo.

Selinyuke kakhulu izinga labantu abafuna ukwazi ukuthi yini efakwa ekudleni kwabo.

“Siyazazi izidingo zabathengi bethu futhi siyazihlonipha. Abathengi bethu bafuna ukuqinisekisa ukuthi abakudlayo kufakweni ukuze benze izinqumo eziphusile”. Bathembise ukuqinisekisa baphinde bavikele indlela okwenziwa ngayo ukudla, kanye nezitshalo abazithengayo ukuthi zinezakha mzimba akukho makhemikhali afakiwe, zitshalwe ngemvelo.

Nge “Know Our Food” campaign, sifuna ukuqinisekisa ukuthi siyazifeza izidingo zabathengi futhi siyazihlopha izifiso zabo,” kusho iChief Marketing Officer yakwa McDonald’s wakuleli uDaniel Padiachy.

Bonke abasebenzisana noMcDonalds bazimisele ngokusebenzisana kahle ukuze baqinisekise izinga eliphezulu lokudla abadayisela abathengi.

Abanye nezinkampani esisebenzisana nazo: – inyama yethu yenkomo iqhamuka kwamanye amapulazi ezinkomo akuleli, njenge Fouries, abaziqhenyayo futhi bayazigqaja ngemfuyo yabo.

-Abakwa Rametses abanye esisebenzisana nabo abanepulazi lezinkuku ezinempilo futhi ezikhuliswe ngemvelo, ukuze senze ukudla kwethu okudumile nokuthandwayo kwenkukhu.

– Icoffee lethu silenza ngokucophelela kusukela ekuqaleni kuze kube sekugcineni futhi siqinisekisa ukuzwakala linambitheka ngoba amaMcCafe ethu aqhamuka e-Arabica kwiRainforest Alliance Certified farms.

IKnow Our Food campaign izoqinisekisa ukuthi izidingo nezikhalo zabathengi ziyahlonishwa.

Bazi ukuthi ukudla kwabo kuqhamukaphi, kufakwani futhi kwenziwa kanjani,” ku uPadiachy.

Related Articles

Back to top button