Izindaba

Odilikajele abathathu kowesifazane obebulala amadoda

UGWETSHWE odilika jele abathathu uNcumisa Selani, ngesikhathi inkantolo enkulu yasePitoli imthola enamacala okubulala.

Ngonyaka ka-2016 wabulala wagqiba owayeyisoka lakhe odabuka eMalawi uMicheal Changisa, esizwa ngelinye isoka elisha uMicheal Phiri. Bambulalela ngoba uNcumisa emsola ngokumthelela ngegciwane lesandulela ngculazi.

Emuva kokumbulala bemgqiba uChangisa egcekeni lomuzi kaNcumisa.

Baqhubeka nempilo ngonyaka ka-2017, uPhiri waya kohlala noNcumisa emzini wakhe kanye namadodana akhe amabili (17) neneminyaka engu (10) weminyaka.

Ngesikhathi sebehlala ndawonye uPhiri waqala wamhlukumeza uNcumisa, okwagcina esethatha isinqumo sokumgudluza, esizwa indodana yakhe eneminyaka engu-17. Bambulala bamgqiba egcekeni phezu kwesisidumbu sikaChangisa.

Kwahamba isikhathi ngonyaka ka-2018 indodana yaNcumisa yagxila kakhulu kwizidakamizwa, ifuna imali ngoshova imsabisa ngokuthi izoya emaphoyiseni iyobika amacala okubulala. UNcumisa wanquma ukuyibulala nayo indodana yakhe wayigqiba phezu kwesidumbu sikaPhiri ngoba egwema izinkinga nomthetho.

Enye yamadodana kaNcumisa eyayisina-14 ngonyaka ka-2020 yagula kakhulu okwaholela ukuthi baye enyangeni bayobheka imbangela yokugula kwayo.

Ngesikhathi besahlola, indodana yatshela inyanga ngezidumbu ezabulawa zagqitshwa egcekeni, ikholelwa ukuthi izona eziyimbangela yokugula kwayo.

Inyanga yaphikelela esiteshini samaphoyisa iyobika lomshophi.

Waboshwa ngalowo nyaka ka-2020 UNcumisa Selani, njengoba esegwetshwa odilika jele abathathu namhlanje.

Related Articles

Back to top button