Izindaba

Iqale phansi impi komrepha abayinkukhu nempaka

Philasande Luthuli 

IQALE phansi impi yomrepha abayinkukhu nempaka uDuncan noMthinay Tsunam.

Lokhu kugqame ngesikhathi uMthinay enxenxa amaCiko afisa ukusebenzisa naye asondele.

Kulapho ke uDuncan egadle ngenkulumo okusolakala ukuthi igudla uMthinay.

“Yoh ngiyazi ngikhulunyiwe kabi kuthiwa angiwalethi amavesi kodwa ke umuntu ukholwa lokhu athanda ukukukholwa mina angingeni. Bafwethu ikanje lento ngikhona kulabo abazimisele ukusebenza nami. Le post ngeyabantu abazimisele noma abafisayo ukusebenza nami, mawungazimisele uthule uyidlule le post ungaphawuli,” ubhale kanje uMthinay.

Uqhube ngokuthi uma sekusetshenziwe awuphushwe umsebenzi.

“Mase sisebenzile ngicela siliphushe iculo lingapheleli koYouTube. Okunye ngisebenzela estudio sami ungathi angize estudio sakho. Asispane ngemali encane moja,” kuqhuba uMthinay.

Akuphelanga isikhathi esingakanani uDuncan wayiphendula le nkulumo ethi umculi uma esebhala kanje ikati lisuke selilele eziko.

“Uma ke wathi uvulelekile ukupikwa okwazi okwazi ke ikati selilele eziko,” kubhala uDuncan ne-emoji ekhombisa ukuphela insini.

“Uyithathe nje nawe imali yakho yokugcina ukhokhele iciko elisazama njengawe imali, uthi uyalipika ngoba nakhu laziwa ngokuthukana noDuncan? Manje wena leyonto izokusiza ngani ngoba nalo lelo ciko olikhokhela ivesi lisashizila? Kodwa nani bafwethu nibuye nihlulwe ukucabanga. Uma ke nje wathi ucela ukupikwa baleka ngezinyawo zombili usuke esefuna imali kabhiya,” usho kanje uDuncan.

UDuncan echaza kwenye yezinkulumo eziqoshiwe kwiZikhiphani TV uthi uMthinay waqala ukumchukuluza mhla ekhiphe ingoma esihloko sithi Tsiki Tsiki. Uthi lapho kwafika kwathi xhifi kuyena yingesikhathi ebhala kuFacebook ukuthi ufisa inkosi sengathi ingamthatha.

Related Articles

Back to top button