Ezokungcebeleka

Umama wengane kaLorch ukhonjwa kodume kuZalo

Kwande kaZikiza

UMLINGISI uNatasha Thahane ucikwa abantu athi basabalalisa amanga ukuthi uthandana nozakwabo kulo mkhakha uWiseman Mncube.

Lokhu kulandela umgosi osuqalile ukushwashwathwa ukuthi le ntokazi isiyaqhubeka nempilo njengoba isanda kwehlukana noyise wengane.

UThembinkosi Lorch ongumdlali weBafana Bafana neMamelodi Sundowns.

Amahemuhemu asebike kaningi ukuthi uNatasha usewotawotana noNcube ongumdlali oqavile kwiMy Brother’s Keeper.

UNatasha, osedlale emidlalweni eminingi ekubalwa neBlood and Water, ungene ekhasini le Instagram wafaka isithombe esinoNcube esinombhalo othi CONFIRMED Natasha has finally moved on with Wiseman.

Ube esebuza ukuthi ingabe lokhu kuqinisekiswe ubani.

Ngemuva kwesikhathi eside ephika ukuthi unobudlelwano noLorch, yize kwakuvela izithombe bezikhiphile ezindaweni zonontandakubukwa ngo 2021, kwagcine kuvelile ukuthi ngempela bayathandana.

Ngesikhathi seligqabuka igoda uNatasha wanikela ezinkundleni zokuxhumana wabhala wathi: “Yize sekukhona okushintshile ebudlelwaneni, sizoqhubeke sibe abangani futhi sibambisane ekubeni abazali.

Sengibheke ngabomvu ukuqala impilo entsha” washo kanje. IPurpose ithumele uWiseman Mncube imibuzo embalwa ukuqinisekisa lezi zindaba yaphinde yafona. UMncube akaze aphendule kuze kube inamhlanje.

 

 

 

Related Articles

Back to top button