Izindaba

UNdunankulu wakwaZulu-Natal ubusise i10th International Yoga Day

Aphelele Gcwabe

UHAMBE ezinyathelweni zikaDkt Mongosuthu Buthelezi uNdunankulu waKwazulu-Natal, uMnuz Thamsanqa Ntuli, ohambele i10th International Yoga Day obuse-Amphitheatre eThekwini ngoMgqibelo.

Umsunguli walo mgubho uPrince Ishwar Ramlutchman, odume ngelikaMabheka Zulu, ubonge bonke abaseke lo mgubo okubalwa nohulumeni wase-India omatasa nomdlalo weCricket eWanderers eGoli.

“Sikholwa ukuthi ukwenza lo mcimbi ozimpande zawo zise-India nonomlando omkhulu kwezokubhekwa kwesimo somqondo nobuqatha bomzimba womuntu, kuyizindaba ezinkulu kwazise le micimbi yenzeka emadolobheni amakhulu e-Africa. Uveze ukuthi uyawuseka uhulumeni wombambiswano omusha ingakho bememe noNdunankulu uNtuli ukuba azoba ingxenye yawo kubalwa amakhansela, abaholi bezepolitiki, ongqongqoshe nosomabhizinisi abahlukahlukene,” kusho uRamlutchman.

Ekhuluma uNtuli, uthe bewuhulumeni wesifundazwe bayawukhuthaza lo msebenzi wokuthi umphakathi uphile impilo yokuzilolonga.

“Lolu hlelo engathi lungahambisana nomlayezo wokuthula njengoba sazi ukuthi uhlelwa iSivananda Foundation, uqede ubugebengu ukuze abatshalizimali bezokwazi ukuza lapha kudaleke amathuba omsebenzi, izingane zethu zibenekusasa eliqhakazile, ” kusho uNtuli.

UMnuz u-Ishwar Ramlutchman Mabheka Zulu uqhube ngokuthi kuyamjabulisa ukubona abantu bezinhlanga ezahlukene behlangane ngoba iYoga igqugquzela ubumbano nokuthula.

“Sihambele yonke indawo izikole, amakhaya abantu abadala, imitholampilo nezibhedlela siqhuba lona lolu hlelo lwe-yoga, eliqukethe indlela yokuphila yezempilo lokhu ngikusho ngoba izikole ezingu 45 ezingaphansi kwalolu hlelo zithole imiphumela ka-100% kumatric wangonyaka owedlule,” kubeka uRamlutchman.

Related Articles

Back to top button