Umsindo ngomqeqeshi omusha ‘ongazi’ lutho ngeKaizer Chiefs
UZALELWE yinja endlini umqeqeshi, uNasreddine Nabi osethole ukugxekwa ngokungazi lutho ngeKaizer Chiefs okubikwa ukuthi usesayinile inkontileka yeminyaka emibili nayo.
UNasreddine oneminyaka engu-58 nodabuka eTunisia ubebanga noPitso Mosimane obengomunye wabaqeqeshi abebebhekwe ngabovu kulo msebenzi oconselwa amathe abaningi.
Umqeqeshi onanava u-Ertugral, ukholwa wukuthi uMosimane ubengaba ngumqeqeshi ongcono kakhulu kunoNasreddine Nabi.
“Angisiboni isidingo sokunaka umqeqeshi iChiefs engazi lutho ngaye ekubeni uMosimane engasebenzi futhi engakufihli ukuthi ukhule engumlandeli weChiefs.
“Ukuthula kweChiefs kuyihlazo ngoba ayenzi njengeqembu elithathwa njengelikhulu,” kusho u-Ertugral etshela Isolezwe.
“Into abayaziyo ngomqeqeshi abahlangene nayo iphuma kwabezindaba, kodwa bayawazi umsebenzi kaMosimane.”
U-Ertugral uthi uPitso uyifanele kakhulu iKaizer Chiefs kunoNabi.
“Ukuqasha uMosimane kuzonciphisa izinkinga eziningi ebezingaqhamuka nomqeqeshi omusha okusafanele afunde okuningi hhayi ngeqembu kuphela kodwa nangeligi.
“Ngesikhathi iChiefs ingiqasha eminyakeni edlule yangitshela ukuthi likhona isiko elilandelwayo, kodwa angikholwa ukuthi lisalandelwa.”
IKaizer Chiefs sekuphele cishe iminyaka engu-10 inganqobi ndebe kanti abalandeli banethemba lokuthi uNasreddine Nabi angaba umqeqeshi ozoshintsha yonke into. U-Ertugral nokho ukholwa ukuthi ikilabhu isilahlekelwe isiko layo.
“Akusiyona iChiefs engiyaziyo lena, osekuphele cishe iminyaka eyishumi ingafaki lutho ekhabetheni lezindebe sengathi akwenzekanga lutho.
“Akukhona ukuthi ngikhuluma kabi ngomqeqeshi okhonjwa kwiChiefs, kodwa akwenzi mqondo ukuqasha umuntu wangaphandle ekubeni uMosimane engasebenzi ndawo uma uzimisele ngokubuyisa izikhathi zenjabulo.”
Ngokwemibiko eminingi, iKaizer Chiefs izomemezela uNabi njengomqeqeshi wayo omusha maduze.
Lisenethini