Izindaba

Bavutha bengabaselwe abaseDUT kudlwengulwa umfundi

SIMANZONZO isimo kubafundi base-Durban University of Technology (DUT) eThekwini, kulandela izinsolo zokudlwengulwa komfundi umsebenzi abemthume ugwayi.
Umsolwa elisagodliwe igama lakhe ngenxa yemininingwane yasenkantolo, kuthiwa ugada izindlu zabafundi kanti kuthe ngoLwesithathu ntambama wabiza intombazane eneminyaka engu-19 neyenza unyaka wokuqala wathi ucela iyomthengela usikilidi.
Kuthiwa kuthe uma isibuya imlethele usikilidi, yafica esecishile endlini sekumnyaka kodwa yangena.
Yingaleso sikhathi okuthiwa uvele wahlala izithonto kuyo wayidlwengula ebumnyameni.
Lesi sigameko sibacasule kakhulu abafundi njengoba izinhlaka ezibamele zifuna isikhungo sithathe izinyathelo ezinqala ngomsolwa.
NgoLwesithathu ebusuku kube nesiphithiphithi amaphoyisa etheleka ezindlini zabafundi ezise-Sydnham ezobopha umsolwa.
USihlalo wegatsha labafundi e-DUT be-EFF uMnuz Kapteni Mpontshana uthe okubi kakhulu ukuthi umsolwa ubesesabisa lo mfundi ngokumbulala.
“Okubi ukuthi ubesesabisa lo mfundi ngokumbulala ngemuva kokuthi ebefuna ukuyovula icala. Esikutholile ukuthi umsolwa uthumele umyalezo ngomakhalekhukhwini kulo mfundi embiza endlini yakhe ecela ukuba ayomthengela ugwayi. Kuthe uma esebuya kwayilapho kwenzeka khona isigameko,” kusho uMpontshana.
Inhlangano yabafundi i-Sasco ithe ayihambisani neze nesigameko sokunukubezwa kwabafundi ngokocansi ngakho ifuna ukubona umthetho uthatha indawo yawo.
Oyisikhulu seNyuvesi uMnuz Alan Khan uthe akukho abazokusho ngalolu daba ngoba uphenyo lusaqhubeka.
Uqhube wathi bakwenze konke okusemandleni ukweseka umfundi ukuze athole usizo olumfanele noluseqophelweni eliphezulu.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uConstable Thenjiwe Ngcobo uthe umsolwa uboshelwe icala lokudlwengula kanti uvele okokuqala ngoLwesine enkantolo kaMantshi eseThekwini.
Scrolla.Africa

Related Articles

Back to top button