Ezokungcebeleka

Kulindeleke uNdunankulu emcimbini International Day of Yoga

KUNGENZEKA uzinyaziswe uNdunankulu waKwaZulu-Natal osanda kubekwa uThami Ntuli umcimbi omkhulu we-International Day of Yoga ozokuba eDurban Amphitheatre  kusasa ngoMgqibelo.

Umsunguli walo mgubho uPrince Ishwar Ramlutchman, odume ngelikaMabheka Zulu, nongumengameli weSivananda World Peace Foundation uthe balindele abantu abangaphezulu kuka 3000 njengoba uqondene nokuthi i-United Nations igubha iminyaka eyishumi yasungulwa.

URamlutchman ubonge bonke abaseke lo mgubo okubalwa nohulumeni wase-India omatasa nomdlalo weCricket eWanderers eGoli.

“Sikholwa ukuthi ukwenza lo mcimbi ozimpande zawo zise-India nonomlando omkhulu kwezokubhekwa kwesimo somqondo nobuqatha bomzimba womuntu, kuyizindaba ezinkulu kwazise le micimbi yenzeka emadolobheni amakhulu e-Africa. waveza ukuthi uyawuseka uhulumeni wombambiswano omusha ingakho bememe noNdunankulu uNtuli ukuba azoba ingxenye yawo kwazise kulindeleke kutheleke amakhansela, abaholi bezepolitiki, ongqongqoshe nosomabhizinisi abahlukahlukene,” kusho uRamlutchman.

Lowo owayengumongameli we-IFP uMangosuthu Buthelezi wayevamise ukuweseka lo mcimbi kanti akumangazi ukuzwa ukuthi uNdunankulu uNtuli, osuka kulo leli qembu, uzoweseka naye.

Isekela Ngqongqoshe wezeMpilo uDkt Sibongiseni Dhlomo uncome iSivananda World Peace ngokuthi iqhubeke nokwenza iyoga wancoma namagalelo kaRamlutchman ngokuba nesandla esiphanayo kulabo abahlwempu.

UDkt Dhlomo uvamisile ukubonakala eyingxenye yalo mcimbi kanti uphinde wakhuthaza abantu ukuthi bazihlanganise nalo mdlalo ngoba kuningi ngokwezempilo osiza ngakho.

Uthe izingane eziningi ezikoleni ziyakuthola ukusizakala ngokuzibandakanya nalo mdlalo.

Lowo osephumile esikhundleni sobuNdunankulu uNomusa Dube-Ncube ubancomile abahleli bomcimbi wathi okuhle ukuthi kuzuza imiphakathi yasemakhaya ngokuba ingxenye yawo.

Related Articles

Back to top button