Izindaba

Kuphume isidumbu imoto indiza esitezi sesine 

Philasande Luthuli

USHONELE endaweni yesigameko umshayeli wemoto esuke phezulu esitezi sesine endaweni yokupaka yayothanqazeka phansi.

Lesi sigameko senzeke enxanxathaleni yezitolo e-Overport, Thekwini, kanti umshayeli utholwe evalelekele ngaphakathi engasanyakazi.

Kuze kwaphoqeleka ukuthi kuvalwe umgwaqo u-65 Overport Drive kuqoqwa imfucuza egcine ikapakela emgaqweni.

Ngokwezithombe namavideo asabalelele kubonakala udonga lubhodlokile nokusolisa ukuthi umshayeli ulishayisile yase iwa imoto.

Okhulumela abezimo eziphuthumayo bakwa-ALS Paramedics uGareth Jameson uthe umqwaqo oya e-Overport uvalwe isikhashana ngenxa yalesi sigameko.

“Abezimo eziphuthumayo eThekwini, amaphoyisa nabatakuli basendaweni yesigameko. Sifike kuvaleleke umuntu oyedwa ngaphakathi emotweni, ngeshwa akusho ebesingakwenza ngoba usebeshonile,” usho kanje.

Khonamanjalo iPurpose isanda kubika ngengozi engahlobene nale nokufe kuyona owesifazane ujuqu.

Lo wesifazane obalelwa eminyakeni eko-30 ubandakanyeke engozini enyantisayo kuM13 ePietermaritzburg, kuFields Hill.

Izimoto ezibandakanyeke engozini zishayisane mahlanze kwathi abagibeli abayisikhombisa okuhlanganisa izingane ezine zalimala kanzima.

Abezimo eziphithumayo bafike bazama ukuhlenga izimpilo zalabo abebesaphefumula. Bathuthelwe ezibhedlela ezahlukene eThekwini ukuthola usizo olungeziwe.

Bekunomgibeli oyedwa ubebambekile emotweni nokuphoqe ukuthi abezichishamlilo neNetcare 911 basebenzise izindlawu ukuzama ukumhlenga.

Enye yezemimoto ibiqhamuka eThekwini enye iqhamuka ngenhla zase zitholana phezulu kuFields Hill.

 

 

Related Articles

Back to top button