Izindaba

Kubanjwe umoya ngesimo somsakazi woKhozi FM esilokhu sisibi

Bahle  Mkhize

KUBANJWE umoya ngesimo sempilo somsakazi woKhozi FM uZanele Mbokazi esilokhu siqhubekile nokuba sibi.

NgoLwesine emini abaculi beGospel okuhlanganisa uLungelo Hlongwane, Sphumele Mbambo, Jumbo, Sgwili Zuma bebesoKhozini ohlelweni lukaDudu Khoza emini.

Bebenxenxa abantu ukuthi baphume ngobuningi babo emkhulekweni ozobanjelwa lo msakazi.

Kuhlelwe usuku lwangeSonto, eGNF ngaseDurban station kusukela ngehora lokuqala emini ukuzoqinisa idolo umndeni wakwaNkambule.

“Emkhulekweni wethu sizonxusa ukuthi uNkulunkulu asigcinele umama uZanele. Ziningi izinto ezimile manje sibheke kumaCrown Gospel Awards ngasekupheleni konyaka. Sinethemba lokuthi emuva komkhuleko wangeSonto kuzoqaqeka izinto,” kunaba Uga Ndlela.

USphumelele Mbambo uthe bayokhulekela umama Zanele okhethwe amazulu ukuze kusinde wonke umuntu ekhaya.

“NgeSonto emini ngehora lokuqala asihlangane eDurban station siyothi nkosi sisamdinga ephila (Zanele). Umama Zanele lesi sifo esimphethe sinegama ngokwazi lokho kunqontshiwe.” usho kanje uSphumelele oKhozini.

Sekuyihlandla lesibili leli uZanele ebanjelwa isiguqo njengoba sabanjwa eSandton, eGoli kukhulekelwa impilo ende emasontweni edlule.

Kulo mkhuleko kuzobe kuboshelwe uProphet Sandile Msimanga, Bishop Nkambule, Apostole Sandile Mlambo, Proffessor Nhlanhla Khubisa, Bishop SB Zikhali, Babo Ngcobo, Lungelo Hlongwane, Sgwili, Ga Ndlela, Nathi Sithole, Mpume Hlabisa, Thobekile, Sphumelele Mbambo, Ayanda Ntanzi, Dumi Mkokstad, Jumbo, Malusi Mbokazi, Ntokozo Ngongoma noPS Sebeh Nzuza.

Related Articles

Back to top button