Izindaba

Lingena kusasa icala elibhekene nomculi osola uDJ Tira ngokumvusa embhedeni

Kwande kaZikiza

LINGENA kusasa ngoLwesihlanu eDurban High Court icala elivulelwe umculi uLuke Ntombela osola u-DJ Tira ngokuthi wavuka embhedeni wakhe bengavumelene.

UDJ Tira ukhala ngokuthi lezi zinsolo zimehlise isithunzi zangcolisa negama lakhe.

Le ntokazi eyake yangena umncintiswano weClash of The Choirs ne-Idols SA yethusa abaningi ngesikhathi ibhala kuFacebook wayo ukuthi yazithola isivuka embhedeni okwakulele kuwo u-DJ Tira.

Yathi okuyididayo wukuthi ayikhumbuli ukuthi yangena kanjani kulowo mbhede futhi kwenzakalani kuyo ngesikhathi ilele.

ULuke waze wanameka nengxoxo yakhe kaWhatApp lapho ayekhuluma nalo DJ efuna incanzelo kabanzi ngokwenzeka embhedeni.

UDJ Tira wayithumela ngencwadi evimba ukuthi uLuke aqhubeke nokumbhala ezinkundleni zokuxhumana kodwa le ntokazi yathi ayinendaba noma engayifaka enkantolo.

Lo DJ, obephelezelwa unkosikazi wakhe uGugu Khathi ohlelweni lweBig Breakfast Show kuRadio 2000, uthe uselinde ukuthi umthetho udlale indima yawo.

UGugu uthe iyabakhathaza into yokuthi njalo uma kunezinto ezinhle abazenzayo kuqhamuke abantu bezonyomfa.

Uthe ngokwakhe lezi zinsolo zenziwe ngamabomu ngoba nakhu bamatasa namalungiselelo eHollywoodbets Durban July njengoba bezobe benetende elizobe ligcwele izicukuthwane nosomabhizinisi.

 

Related Articles

Back to top button