
Konke okuhle kuyamlandela owashiya kumuncu kwiGagasi FM
Kwande kaZikiza
IFIKE kwezwakala intokazi yaKwaZulu-Natal eGoli uPenny Ntuli osakaza kwiJozi FM. Lokhu kulandela ukuthi eqokwe kumklomelo ozombeka kwibalazwe emkhakheni akuwo.
UPenny ubhale ezinkundleni zokuxhumana ukuthi isiteshi asanda kusijoyina iJozi FM sesimenze waqokwa ku-2024 Shining Star Africa Awards emkhakheni weBest Radio Personality of the Year.
“Bomzala after 1 month of being on JOZI FM, we’ve gained National Recognition 🔥🔥🔥 We’ve been Nominated for Best Star Radio Personality of the Year on the 2024 Shining Star Africa Awards. Thank you for the recognition,” lo msakazi oshayela uhlelo iMid Morning Chat ubhale kanje ezinkundleni zokuxhumana.
UPenny, ojoyine iJozi FM ngo-Aphreli kulo nyaka, ufike nomfutho kulesi siteshi, wenyusa nesibalo sabalaleli ezinkundleni zokuxhumana. Wazamazamisa izinkundla zokuxhumana ngesikhathi eveza ukuthi isizathu sokushiya iGagasi 99.5FM ingoba babefuna ukumkhokhela uR2.800. Wathi! amakinati lawo kwazise lo msakazo owenza inzunzo waveza ukuthi ubewenzela imali enhle ngokulandelwa izinkumbi zabalaleli ezinkundleni zokuxhumana.
Ama Shining Star Awards abungaza iqhaza elidlalwa abantu nezinhlangano ezenza kahle emkhakheni eyahlukene njengasemculweni, ezamabhizinisi, ezobuchwepheshe, ezamaciko nasemkhakheni wezolimo imbala.
Ngokubhala kwabasunguli kwi-website yabo bathi lawa ma-awards avuleleke ukungenelwa yibo bonke abantu base-Africa, ayibhekwa indaba yeminyaka inqobo nje uma lowo muntu ibonakala imisebenzi yakhe kulowo nyaka asuke ezosingathwa ngawo.
Lama awards azobanjelwa eGoli ngoJulayi 30.
Bathi uyakwazi ukuziqoka ngokungena ku-website ethi www.shiningstarsafricaawards.com