Okusha ngomdlali obegroova nama Slay Queens
Kwande kaZikiza
UMDLALI weMamelodi Sundowns uThembinkosi Lorch okusabalele i-video yakhe “ezidumisa”futhi ebukeka ebukhile nama-slay queen amabili ngempelasonto, ukhombisa ukuzisola ngesenzo sakhe.
Lokhu kudalulwe umqeqeshi uRulani Mokwena ohlelweni lwezemidlalo kuMetro FM ngoMsombuluko lapho iSundowns ibimenyelwe khona ukuzobungazwa ngokuba izingqwele zePremier Soccer League. ISundowns isinqobe isicoco seLigi ihlandla lesikhombisa kule sizini.
Le video isabalale ngemuva kokuthi iSundowns isonge imidlalo yeLigi ihlulwa iCape Town City esibayeni sayo eLoftus Versfeld ePitoli ngoMgqibelo.
“ULorch ungifonelile ekhala mi izinyembezi. Leso senzo sakhe singishayile ngaphakathi ngabona ukuthi ukhombisa ukuzisola. Cishe wonke umuntu uyazi ukuthi mina nabadlali bami siyezwana ngaleyo ndlela uma kukhona ophatheke kabi, nami ngiphatheka kabi. Ngihlela ukuthi sibonane naye silubhunge ngasese lolu daba lwale video yakhe,” kusho uMokwena, oke wasebenza nalo mdlali kwi-Orlando Pirates kumasizini amane adlule.
UMokwena uthe yize eqonda ukuthi abadlali bangabantu futhi amaphutha bayawenza kodwa kumele bakugxishe emqondweni ukuthi kubukelwa kubo. Ngaleyo ndlela kumele bakwazi ukuziphatha ngendlela ehlelekile.
“Kumele njengabantu abadumile siqonde ukuthi abanye abantu basibuka njengabantu ababukela kubo. Omunye umsebenzi wabo ukugqugquzela abanye ngokwenza izinto ezakhayo emphakathini,” kusho uMokwena.