Umholi kwi-IFP usinde kukubi evinjezelwa ngezinhlokohlela nabaqaphi bakhe
Kwande kaZikiza
UMNUZ Thami Ntuli i-IFP efolosa ngaye esikhundleni sokuba uNdunankulu kwaZulu-Natal, usinde kukubi evinjezelwa ngenganono nabaqaphi bakhe.
Leli qembu liveze ukuthin izolo ebusuku eMpangeni izimoto ebeziphelezela uNtuli zivinjwe amadoda abezifihle ubuso, akhipha izinhlokohlela zezibhamu ehamba ngezimoto ebezingenawo amapleti.
Kube nhlanga zimuka nomoya ngesikhathi laba balisa abathe basebenzela uphiko lamaphoyisa iNational Intervention Unit (NIU) beyalelwa ukuthi bakhiphe izigqebhezana ezikhombisa ukuthi ngempela bangamaphoyisa.
Ngokubika kweScrolla Africa i-IFP ithe ngesikhathi sekuphakame imimoya, laba balisa bakhombe abaqaphi bakaNtuli ngezibhamu kodwa akekho odubulile.
I-IFP ikhiphe isitatimende ithi kumele abomthetho baphenye ngalesi sehlo.
Lesi isigameko esesibili sehlela uNtuli, obuye abe iMeya yaseKing Cetshwayo District.
Ngesikhathi ephuma kobamba ingxoxo ekhethekile neGagasi 99.5FM eMhlanga, izimoto ayehamba ngazo zavinjwa amaphoyisa emgaqweni u-N2.
Amaphoyisa azivikela ngokuthi izimoto ezazihamba uNtuli zazisebenzisa ama blue light ngokungemthetho.
Kwaboshwa izimoto ezimbili ngenxa yokusebenzisa lawo malambu.
I-IFP yabuka lesi sigameko njengetulo lokuphazamisa umkhankaso wokhetho njengoba isimo sishubile ezweni lonkana amaqembu enxenxa amavoti kubantu.
Ngesikhathi saleso sigameko uColonel Robert Netshiunda, okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, wathi abashayeli bezimoto ezaboshwa ingoba bahluleka ukuveza izimvume zokuhamba bekhanyise ama bluelight.