Ezokungcebeleka

Umzwilili uthole amadlelo aluhlaza koweNetflix

Kwande kaZikiza no-Amkelwa Nguse

UMZWILILI womculi uZawadi Yamagu unyelwe inyoni esandleni njengoba ezokhombisa ngekhono lakhe maduze nje emdlalweni ozokuba kwiNetflix.

UYamagugu ushaya ngesigqi sikaMntwana uPrincess Magogo owayeshaya ugubhu eminyakeni yakudala.

UMntwana Magogo kaDinuzulu ungunina kalowo owayenguNdunankulu wakwaZulu nomsunguli we-IFP osadlula emhlabeni Inkosi uMangosothu Buthelezi.

Lo mculi, ogama lakhe langempela uNkosingiphile Mpanza.

Le ntokazi enezwi elimtoti isanda kubuya eGhana lapho iphephezelise khona ifulegi lakuleli ngokubuya nendondo kuma Ladies in Media Awards (LIAMA). Lo mcintiswano wawusenhloko dolobha e-Accra ngenyanga edlule.

Uhlabane emkhakheni weFemale of the Year kulo mcintiswano osungulwe ngenhloso yokuqhakambisa iqhaza elidlalwa abesifazane e-Afrika nasemkhakheni weMedia.

UYamungu uthi ukholwa wukuthi okwenze wanqoba le ndondo wabuye wathola nengqayizivele yokuvela kuNetflix yingoba uqhamuke nesitayela esehlukile kunabanye.

Uthi umculo wakhe uqhakambisa ukuzithanda njengomuntu onsundu wase-Afrika, ukungakhohlwa ngemvelaphi nokulondoloza amasiko ngomculo.

Ngenxa yombandela anawo nabeNetflix uthe angeke akwazi ukuwudalula futhi angeke akwazi ukugeqa amagula ngazobe ekwenza kodwa uzobe ecula aphinde alingise indawo thizeni.

“Ngikholwa wukuthi umculo wami nangendlela engigqoka ngayo yikhona okwenze abantu baseGhana bawulandela umsebenzi wami. Nakho-ke futhi sekuqhamuka nabakwaNetflix sebenginika leli thuba. Engingakusho futhi okumqoka ukuthi uqaphele izinto ozibhalayo nezithombe ozifakayo emakhasini akho okuxhumana ngoba kunabantu abahlale beqaphe indlela onyathela ngayo kulo mhlaba,” kusho lo mculi ozalwe eMandeni kodwa wakhulela eNanda.

Lo mculi onekhono lokudlala umakhweyana uveze ukuthi umatasa upheka i-albhamu ayenza nophrojusa uMondli Ngcobo ahlela ukuthi iphume maduze.

Uthe unengcindezi yokubamba umgqigqo ingakho ethi ukhiphe ubhozo njengoba ezingomeni ezizozwakala kukhona esihloko sithi Izinwele Zami.

Kukhona ezamahubo nezinye azicula ngesiSwahili nesiShona njengoba kunengoma azobe ehlonipha kuyo inkakha u-Oliver Mtukudzi waseZimbabwe.

Ikhono lakhe livundululwe uMbuso Khoza weHeritage Ensemble kwathi ngo 2020 wakhipha i-albhamu yakhe yokuqala esihloko Magogo School of Thought esebenzisana noNduduzo Makhathini ocula i-Jazz.

 

Related Articles

Back to top button