Izindaba

Osopolitiki bachitheke njengamanzi ukuyovotela amaqembu wabo

Amkelwa Nguse

BEBETHE chithi saka osopolitiki ukuyovota ngoLwesithathu okhethweni lukazwelonke kulo nyaka ka-2024.

UNdunankulu wakwaZulu-Natal uNomusa Dube-Ncube uvote eNkulibathu Primary School kwaMashu, okuyisikole afunda kuso esemncane.

“Isikole sami lesi engifunde kuso ngikhula,” kusho Dube-Ncube.

Ngemuva kokuvota, uNdunankulu uDube-Ncube ukhulume nabezindaba ngokuzethemba nokuzimisela, ebikezela ukunqoba okubalulekile kwe-African National Congress (ANC) okhethweni oluzayo lwango-2024.

UNdunankulu uDube-Ncube ubalule ukuthi siyamkhuthaza isibalo sabantu abasha abavotayo.

“Ngijabule ngesibalo sabavoti abasha kuze kube manje, kodwa sidinga ukunxusa abantu abasha ukuthi baphume ngobuningi babo bayovota,”

Ngesikhathi ephuma esiteshini sokuvota, uDube-Ncube ubephethe amathemba nezifiso zakwaMashu, eqinisekisa ukuzibophezela kwakhe ekuthuthukiseni iNingizimu Afrika engcono ngokuba yisakhamuzi esikhuthele futhi esizibophezele.

Khonamanjalo kuse kuphithizela ngaphandle kwesikhungo sokuvota iNtolwane Primary School, ku-ward 14, lapho kuvotela khona uMengameli weMK Party, uMnuz Jacob Zuma.

Umholi weBOSA uMnuz Mmusi Maimane naye ubonakele esikhungweni sokuvota eDonsonville Presbyterian Church, eGoli.

Isekela likamengameli we-IFP, iNkosi Mzamo Buthelezi lona livote eDwarsrand Primary School, kuWard 1, eLouwsburg.

UMnuz Zwakele Mncwango ohola i-ActionSA eKZN uvote eWestville nomndeni wakhe.

Related Articles

Back to top button