Babuyela emakhaya abalingisi beShaka Ilembe abantunta nendishi eGoli
Amkelwa Nguse
BABUYELA emakhaya kwaZulu-Natal abalingisi abengeziwe (backgroung actors/extras) bomdlalo uShaka Ilembe oshuthelwa eGoli njengamanje.
Le drama series ibuya ihlandla lesibili (season 2).
Abalingisi abebekhuluma emsakazweni uKhozi FM ohlelweni olushayelwa uTshatha noSelby bathi basuka emakhaya ngoMeyi 4 beya eGoli.
Okumangazayo wukuthi bathathwa bebabaningi yi-agant thizeni bafike bangasetshenziswa nokwenza badonse kanzima baswele nokokuyisa ibhodwe eziko.
Ngaphezu kwalokho kumele bakhokhe imali yerenti lapho beqube khona njengoba iphela inyanga nje.
Omunye wabalingisi ogilekile nozifihlile igama lakhe emoyeni uthe: “Kunzima ngoba manje iyaphela inyanga asazi ukuthi sizorenta ngani, nokudla esikudlayo sinakho ngoba izihlobo nabangani emakhaya bayasiphonsela lokho abasiphonsela khona.” kusho lo mliingisi.
Bazithola besotakwini nje labalingisi bathi bajoyine ngesamba semali engango-R1 950 kule agent mbumbulu.
Lesi samba semali sigxekwe uLondiwe obemenywe uKhozi nokuthiwa umele iSaga okuyihlangano elwela amalungelo abalingisi.
Ucacise ukuthi izikhungo ezisemthethweni azikhokhisi imali yokujoyina kodwa zithatha ikhomishini esukela ku-10% kuya ku-20% wemali. Inqobe nje uma esewutholile umsebenzi umlingisi.
Omunye umlingisi ongene emoyeni naye waligodla igama lakhe, uthi ube nenhlanhla ngoba uqaphele okuningi okushayisanayo kusahlelwa.
“Sishuthe noMkhokha kusukela ngoJanuwari kodwa umholo dololo, uma ubuza awuzitholi izimpendulo. Umuntu ukubona uvela kuthelevishini azitshele ukuthi unemali kanti udlala ama-agent. Besibaningi ebesinogqozu lokuya eGoli kodwa bekufuneka imali yerent phambili. Okumangazayo abalingisi balala ematendeni, amanzi awekho kuyabanda futhi njengoba kusebusika,” usho kanje.
Le agent eligodliwe igama layo ngoba ibingekho ukuziphendulela, kuthiwa ithatha noma ngubani ikakhulukazi labo abangazi lutho khona izoxhaphazeka ezimalini.