
UMrepha uthembisa “ukubagwaza” ngomkhonto ubuyela egemini
Kwande kaZikiza
UKHUZA ibuya emculweni uZuluboy obesekuphele iminyaka eyishumi engakhiphi umsebenzi womculo.
Leli ciko laseNtuzuma, eThekwini, elishaya isigqi seHip Hop, lizalwe linguMxolisi Majozi.
Ukhiphe i-single esihloko sithi Mayibuye ayidedele ngosuku olukhulu eNingizimu Afrika njengoba beyivota ngoMayi 29.
Echaza ngokukhipha leli culo uZuluboy uthe: “Leli culo likhuluma ngomzabalazo futhi ngilikhiphe ngesimabomu njengoba izwe libungaza iminyaka engu-30 lathola inkululeko. Ngithi mayibuye iNingizimu Afrika!”
UZuluboy ubesegxile emsebenzini wokulingisa nokuhlela imicimbi.
Abaningi bagcine ukumbona kuthelevishini elingisa indawo kaMcGyver kuDurban Gen eyayidlala ku-etv eminyakeni emibili edlule.
Usebuyela emculweni nje ubematasa ngesikhathi kuphenjwa iqembu lepolitiki elifike kwezwakala, Umkhonto Wesizwe Party (MK).
Yena nabalingisi okubalwa u-Ernest Msibi, Khulu Skenjana nosomahlaya ongumsakazi weGagasi 99.5FM uFelix Hlophe basungule iCreative Council ngaphansi kwe-MK Party.
Lokhu bakwenza ngemuva komhlangano noMnuz Jacob Zuma eBassline, Joburg ekuqaleni kwalo nyaka.
Abakulwela kakhulu indaba yeCopyright Amendment Bill abafuna ibuyekezwe njengoba kunesigatshana abathi siyabacindezela.
Bakholwa wukuthi i-MK Party izokwazi ukulalela izikhalazo zamaciko.
UZuluboy waduma ngesikhathi efika emculweni ngo-2008 ngengoma kaCaiphus Semenya esihloko sithi Nomalanga ayishintsha kancane ngokufaka isigqi seHip Hop.