Ezemidlalo

Owayengaphilile ngomqondo kwiBafana ecijela iWorld Cup 2026

Kwande kaZikiza

UMQEQESHI weBafana Bafana uHugo Broos, uselimemezele ibutho lakhe azohlomela ngalo imidlalo yokuhlungela iFifa World Cup 2026 lapho kuzodlalwa neNigeria neZimbabwe.

Okugqamile kuleli butho labadlali abangu 23 ukubizwa kukaLyle Foster, owasusa umsindo kubalandeli ngesikhathi eveza ukuthi ucela ukungabizwa ngoba akekho esimweni esihle ngokomqondo.

UBroos wayefuna ukubophela lo mgadli weBurnley eqenjini elaliyodlala kwi-Africa Cup of Nations ebise-Ivory Coast lapho iqembu lesizwe ligile izimanga lagcina ngokubuya nendondo yethusi.

Ukuzicelela kukaFoster ukungabi ingxenye kwahunyushwa ngabaningi njengokuthi uyazitshela.

Yize iqembu lakhe ligencwe izembe kwi-English Premier League kulindeleke isipiliyoni sikaFoster sisize iBafana seyivakashela iNigeria e-Uyo emdlalweni obekelwe umhla ka Juni 7.

IBafana izodlala ekhaya neZimbabwe eFree State Stadium, eBloemfontein, ngoJuni 11. Njengamanje iBafana ihlezi endaweni yesibili namaphuzu amathathu ngemuva kwemidlalo emibili kuGroup C.

INingizimu Afrika ishaye iBenin ngo 2-1 kuleli yase ixetshulwa iRwanda ngo 2-0 ekuhambeni.

Selilonke iqembu limi kanje: Unozinti-Ronwen Williams, Ricardo Goss noVeli Mothwa.

Izitobha: Sydney Mobbie, Khuliso Mudau, Siyabonga Ngezana, Nkosinathi Sibisi, Mothobi Mvala, Grant Kekana, Thapelo Morena noAubrey Modiba.

Abaseswini-Teboho Mokoena, Bathusi Aubaas, Sphephelo Sithole, Jayden Adams Abagadli-Themba Zwane, Patric Maswanganyi, Elias Mokwana, Percy Tau, Oswin Appollis, Iqraam Rayners, Lyle Foster noRelebohile Mofokeng.

 

Related Articles

Back to top button