Umqeqeshi weManchester United ulobizela esokuqeqesha iChiefs
Kwande kaZikiza
ISIHLABANI seBafana Bafana esingumqeqeshi wabagadlali kwiManchester United, uBenni McCarthy, sesiveze ukuthi singathanda ukulolonga iKaizer Chiefs.
Amakhosi kulindeleke ukuthi amemezele umqeqeshi omusha athemba ukuthi uzowavusa emaqandeni njengoba sekuphele amasizini amaningi ebhinjelwa izinto.
Inkontileka kaMcCarthy neManchester isiya ngasemaphethelweni.
Ujoyine leli qembu lase-Old Trafford e-England kumasizini amabili adlule elandwe umqeqeshi u-Eric ten Hag kanti yize amaRed Devils engabanga nesizini enhle.
Nokho usonge ngenothi eliphezulu ephakamisa indebe ye-FA Cup ngokuqumba phansi ompetha be-English Premier League, iManchester City ngo 2-1.
IMan United isizibekisele indawo yokudlala kwi-Uefa Europa League, okuwumqhudelwano ongaphansi komkhulukazi i-Uefa Champions League.
Ekhuluma ohlelweni iMarawa Sports Worldwide olushayelwa uRobert Marawa, uMcCarthy uthe angeke ananaze uma iChiefs ingamthinta mayelana nesikhala salo msebenzi onesigqiki esishisayo.
“ Bambalwa abaqeqeshi abangasinqaba isicelo uma sivela ezinkampanani ezinkulu ezinjengeMan United, Real Madrid neBayern Munich. Bheka nje nangu uVincent Kompany usanda kujoyina iBayern,” kuphendula uMCarthy.
Uqhube wathi: “IKaizer Chiefs nayo ngiyibala namaqembu amakhulu futhi ahlonishwayo. Ukhumbule futhi ukuthi ngikhule ngizifela ngayo ngisemncane kodwa ngebhadi angikaze ngibe nenhlanhla yokuyidlalela noma ngiyiqeqeshe. Uma livela ithuba, komele kuhlalwe phansi sibhunge kabanzi ngezinto ezithize.” usho kanje.
Uma uMcCarthy egcina ngokuyosebenza kwiChiefs uzobe engathuki isisinga ku-Dstv Premiership njengoba eseke walolonga iCape Town City naMaZulu FC.
Waqopha umlando noSuthu ludlala okokuqala ngqa kwi-Caf Champions League.
IChiefs iphoxe abalandeli bayo ngokuhluleka ukuqeda ngisho ku-Top 8 iholwa uCavin Johnson obanjiswe lo msebenzi ngemuva kokubhacaza kukaMolefi Ntseki owavala indawo ka-Arthur Zwane