Ezemidlalo

Obezibona emkhulu kuneqembu le-Al Ahly uhlawulisiwe

Kwande kaZikiza

SIHLAWULISIWE isilomo seBafana Bafana, uPercy Tau, ngesenzo sokungaziphathi kahle asenze ngaphambi kokunqoba isicoco se-CAF Champions League ne-Al Ahly ngempelasonto edlule.

UTau ube nesandla leli qembu lase-Egypt lishaya i-Esperance yaseTunisia ngo 1-0 kowamanqamu eCairo International Stadium.

Kodwa isenzo sakhe sokunqaba ukukhishwa umqeqeshi uMarcell Koller kungene omunye umdlali kusahanjwe imizuzu engu-67 simdalele amazinyo abushelelezi.

Ngesikhathi abadlali bamaRed Devils, okuyigama lesidlaliso iqembu elibizwa ngalo, bejabulela le mpumelelo uTau akazihlanganisanga neqembu ukuyobhiyoza.

Lesi senzo sinenge kakhulu izikhulu zale kilabhu.

UKhaled Bebo oyi-Sporting  Director kwi-Al Ahly ukuqinisekile ukuthi uTau uthathelwe izinyathelo ezinqala ngalesi senzo skakhe.

“UPercy Tau sikhulume naye ngalesi senzo ngemuva komdlalo wethu ne-Esperance.

Ungitshele ukuthi kwamdina ukukhishwa kwakhe wase ehilizisana nomunye osethimbeni labaqeqeshi.

Simhlawulisile ukuze afunde isifundo ngoba wazi kahle kamhlophe ukuthi uma kukhona okungamphethe kahle kunemigudu engaphakathi ekilabhini ekumele ayilandele,” kusho uBebo.

UTau ungowesithathu waseNingizimu Afrika osekwaze ukunqoba isicoco salo mqhudelwano omkhulukazi e-Afrika.

Waqala waphakamisa le ndebe esakwiMamelodi Sundowns nomqeqeshi uPitso Mosimane ngo 2015. Sebendawonye kwi-Al Ahly banqobe ezinye futhi izicoco.

Related Articles

Back to top button