Izindaba

Isizathu esidale kumiswe abasakazi boKhozi FM emoyeni

 

Bahle Mkhize

Zimb’izinto kubasakazi benhlangano esakaza ngomoya iSABC abajika nelanga selokhu bemisiwe emsebenzini.

Kubasakazi bosoKhozini FM kunikezwe ikhefu uTshatha Ngobe noZimiphi “Zimdollar” Biyela.

UTshatha noZimdollar bathathwa njengabanye abasakazi abayizinsika zalesi siteshi.

Kwabe Metro FM kuhlaliswe ekhaya uLoot Love Shosha.

Kuzokhumbuleka ukuthi uShosha usakaza ngokubambisana noTbo Touch ohlelweni lwansukuzonke. Akuyena yedwa kukhona noLamiez Holworthy ongena ngoMgqibelo.

Ngokubika kweliwela ugcwele lithe labasakazi bayinyathele emsileni ngokungayihloniphi imithetho eyashaywa iSABC.

Isolezwe libike ukuthi umsakazeli womphakathi wabeka umgomo wokuthi abasakazi babo bangazihlanganisi nemicimbi yamaqembu ezepolitiki. Labasakazi ababaliwe ngenhla kuthiwa baweqile lowo mgomo.

Khonamanjalo uKhozi FM ezinkundleni zokuxhumana selufisele izilokotho ezinhle kuTshatha njengoba egubha usuku lokuzalwa ngoLwesihlanu.

“Ukhozi FM lufisela uMC Tshatha Isibatshazwa sakwaNongoma usuku oluhle lokuzalwa. Unwele olude MaCat’aBig,” kubhale uKhozi.

Kube seluzithintele njegoba abalandeli balo msakazi bezwakalise ukungenami ngesenzo soKhozi FM.
UMC Menzisto uthe: “Kanti animumisile futhi? Manje ngoba bese size sahlangana siwuZulu ngapha kwaNongoma, nenzenjani Khozi cacisani,” usho kanje. UMpumelelo kaMhlongo Kunene naye uzwakalise ukunengeka.

“Hlangana Zulu bafike bamumisa manje sebethi bamfisela usuku oluhle,” kubhala uKaMhlongo.
Iningi labalandeli bekhasi loKhozi FM kuFacebook nakuba belimfisela usuku oluhle  uTshatha kodwa belibuza ukuthi umiselweni.

NePurpose izilalelile izinhlelo zalaba  basakazi, bebengazwakali, ngoLwesihlanu bekusakaza uZama Mseleku yedwa.

ISABC ibingakathi vu ngalendaba.

 

 

Related Articles

Back to top button