Ezokungcebeleka

Umsakazi woKhozi FM obeqala ngqa ukuvota nama-2K akawuvali umlomo 

Philasande Luthuli

UMSAKAZI ongaconsi phansi oKhozini FM uTshatha Ngobe ujabule nama-2K eqala ukuvota ngonyaka-2024 empilweni yakhe.

Uhluleke ukuzibamba injabulo wanameka isithupha esino-ink okuyinto ebingasadlisi ukuyenza kulo nyaka.

Injabulo yalo msakazi iqale ngesikhathi ehlukana nenkolo yoFakazi baJehova athi ibimnqinda ukwenza izinto zasezweni okubalwa ukuvota.

UNgobe ubhale ekhasini lakhe kuFacebook ezwakalisa injabulo yokuvota kwakhe:”I voted for the first time in my life ✊🏾😜. Angithi phela yonke leminyaka eyedlule kusukela ngazalwa bengingomunye woFakazi bakaJehova. Ngokwemibandela yebandla akuvumelekile ukuvota ngoba bathi abasiyona ingxenye yezwe, bathi akulungile ukuthatha uhlangothi ezintweni ezithinta ezombusazwe.

Kungisizileke nokho ukuphuma kuleli bandla ngoba ngathola ukuthi miningi imithetho ebekwe phezu kwabo kodwa engesiyona eyeBhayibheli. Isungulwe nje ngabaholi babo laba ababizwa ngeGoverning Body abazinze laphaya eMelika. Bese ngobukhulu ubuqili beyeyamanisa nemibhalo abayithwistile ukuze kube sengathi kusho iBhayibheli. Lonake wokungavunyelwa ukubamba iqhaza okhethweni ngeminye yemithetho ewumgogodla waleli bandla elithi yilo lodwa eliyinkolo yeqiniso emhlabeni🙄.

Ngimbonga angiphezi uNkulunkulu ngokungivula amehlo ngibone ubuqili bamanga alenkolo engochwepheshe ekuphuphuthekiseni ingqondo yomuntu 🚮,” kubhala uNgobe.

Uqhube wathi bese nithi angibayekeke abantu abangibambezele kanje empilweni klibhi.

Ubuze ukuthi bayazi yini ukuthi uma akabanga nenkani ngabe akaze abe umsakazi?

Uthi oFakazi bakaJehkva bathi udumo lwezwe lubi kumuntu olikholwa.

“Inqwaba yabantu abavaleleke laphaya abanamakhono amangalisayo kodwa abangavunyelwe ukuwaphila ngoba akufanele badume, ukuduma kubi. Abanye banamakhono ebhola, ukumodela ukucula nokudansa, konke lokho akuvumelekile uma uyilungu lalelibandla, kanye nokuba yisosha nokuba yiphoyisa ngoba ngokwabo kubi ukuphatha isikhali.. Minake ngala ngaphetha, ngathi ngingamane ngingazitholi kwazikhundla zakhona lezo kunokuyeka into engiyithanda ngenhliziyo yami yonke ukusakaza. Ingcindezelo ekuleliya bandla iyesabeka 🥹,” ubhale kanje.

Uyivale ngokuthi athi kungumsebenzi wakhe ukulokhu exwayisa abantu ngobungozi baleli bandla ukuze bangene bazi ukuthi baziphosaphi.

Khonamanjalo lo msakazi ubegubha usuku lokuzalwa ngoLwesihlanu nathe kungokwesithathu empilweni eligubha.

Related Articles

Back to top button