Ezemidlalo

Injabulo izinkunzi zaseSoweto ziqumba phansi omacaphuna kusale

ULETHE injabulo eSoweto uRelebohile Mofokeng ongene washaya igoli elinqobise i-Orlando Pirates indebe yeNedbank Cup okwesibili kulandelana ngoMgqibelo.

IPirates inqobe lo mdlalo ebibhekene kuwo neMamelodi Sundowns ngo 2-1, kanti ibuye kade seyilandela ngemuva.

URelebohile Mofokeng ungene kusele ngaphansi kwemizuzu engu-20, iPirates seyivele ilandela ngemuva ngo 1-0.

IPirates ithole elokulinganisa okube yiphenathi evalelwe phakathi uPatrick Maswanganyi.

Kuthe sekubhekwe ukuthi umdlalo uya esikhathini esengeziwe, kusele imizuzwana, wakususa lokho uMofokeng.

Kube yibhola elishaywe u-Olisa Ndah. Bekubhekwe ukuthi alijikijele ebhokisini, kodwa walibeka kuMonnapule Salenge kwesokunxele.

Yena ube eseligobela kuMofokeng obesebhokisini. Ube eseshaya uBongani Zungu ngemanta, qede walibeka enethini kwabe kuphelile.

Ekhuluma ngemuva komdlalo, umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uRulani Mokwena ubehlengezela izinyembezi.

Ukhale ngokuthi bekumele ngabe kunqobe bona, kodwa bahlulwe amathuba. Usole nonompempe ngendlela abebephethe ngayo umdlalo.

UJose Riveiro ekhuluma emuva komdlalo uthe : “Buka nje le njabulo (esho ekhomba). Yikhona lokhu obekulindelwe i-Happy People futhi sikwenzile. Sikwenze sibhekene neSundowns okungekho lula ukuthi ubuye ngemuva usubhekene nayo. Basenze sasebenza imizuzu engu-90. Sizame konke okusemandleni. Ngihalisela wonke umuntu oyingxenye yePirates, kusuka kusihlalo nabadlali. Nami ngiyazihalalisela,” kusho uRiveiro.

IPirates idlale owamanqamu wesine ngaphansi kwalo mqeqeshi ophethe irekhodi lokungahlulwa kowamanqamu selokhu afika eMzansi ngo-2022.

Wanqoba indebe yeMTN8 ngo-2022 ehlula AmaZulu, wayiphinda eshaya iSundowns ekuqaleni kwesizini.

URiveiro unqobe iNedbank Cup ehlula iSekhukhune United nyakenye.

Nasemidlalweni yeligi emibili kule sizini, alikho eligobe uphondo phakathi kweSundowns nePirates.

Related Articles

Back to top button