Izindaba

Umholi weMK Party uchitha eyokumenyezelwa kwamavoti ngeSonto

Liyah Mseleku

KUJAHWEPHI? Ngeminye yemibuzo ebuzwa uMnuz Jacob Zuma ofike kwacwhaza esikhumulweni sokubala amavoti kazwelonke ngoMgqibelo ebusuku, eMidrand, eGoli.

UZuma uhola iqembu elisha ukungenela ukhetho uMkhonto Wesizwe Party.

UMsholozi uthi kuzobe kuyadlalwa uma kukhishwa imiphumela yamavoti ngeSonto ekubeni kunezikhalo ezithunyelwe kulabo abanikwe amandla ukuqapha ukhetho (IEC).

Kuzokhumbuleka ukuthi usuku lwangeSonto lwahlonzwa njengosuku lokukhishwa kwemiphumela uMengameli wezwe uMnuz Cyril Ramaphosa.

“Sizodinga isikhathi. Akukho muntu ozothi nansi imiphumela. Uma lokho kwenzeka abantu bazobe besichukuluza ngoba siyazi sikhuluma ngani, asiqageli. Nginethemba lokuthi okunguyena obhekelele lokhu ulalele. Ungayiqali inkinga uma ingekho. Nika amaqembu ezepolitiki ithuba lokubeka udaba lwawo,” usho kanje.

Uthe inhlangano ebhekelele ukhetho uma bekhuluma ngokuthi kunezinkinga okumele zibhekwe ibanika imizuzu emincane.

“Angazi yinkululeko enjani leyo. Siphushwa sengathi siyiziboshwa umuntu okuphoqa ukuthi ungene esitokisini akhiye.”

Okhulumela iqembu le MK uMnuz Nhlamulo Ndhlela obemi eduze lwaDuduzile uhambe emazwini omholi wakhe uZuma, uthe banobufakazi obuqanda ikhanda obuthinta ukungasebenzi ngendlela kwenhlangano eyengamele ukhetho i-IEC.

Uqhube ngokuthi obunye ubifakazi abanabo buthinta i-ANC athi isebenzise izinsizakusebenza zikahulumeni ukufeza izinhloso zayo.

Uveze nokuthi banobufakazi ababuthumele kwi-IEC obuhlanganisa obuqoshiwe lapho abantu bebekhuluma ngokuthi bawaxosha kanjani amalungu abo abegade ukhetho ukuthi luqhube ngendlela okuyiyo.

Uphinde wanxusa amalunga aleli qembu ukuthi angalwi ngoba ayahlokolozwa.

 

 

 

Related Articles

Back to top button