Injabulo kuvuka iHowick emaqandeni kwezobumnandi
Motshwari Mofokeng
KUBUYE ithemba kwabaningi kwethulwa iSmall Town Big Dreams eMandela Capture Site eHowick, eMgungundlovu, ngoLwesibili.
Inhloso enkulu ukuvulela amathuba amaciko asafufusa aseHowick ngokuthi kuhlelwe ama-workshop namafestival lapho bezoveza amakhono wabo khona.
Umsunguli wefestivali uCindy Ngubane uthe kumthunuka inhliziyo ukubona intsha yangakubo ithwele kanzima ingayitholi intuba yokuvelela kwazise ukholwa ukuthi inamakhono amaningi emkhakheni wokucula, ukulingisa nokusebenzisa izinkundla zokuxhumana njengoTik Tok ukuveza amakhono awo.
UCindy uthe akuqaphelile uma ehlangana namaciko angakubo ukuthi anezingqinamba zokuthi awayazi imigudu ekumele ayilandele uma engena kulo mkhakha wezobumnandi.
“Isibonelo nje amaciko amaningi awalwazi uhlangothi lwebhizinisi, ingakho sihlale sizwa kubikwa ukuthi umculi ukhala ngokuntshontshelwa ingoma.
Ingakho sihlela ukuthi kule Festival sibe neworkshop abantu abanjengakwaSAMRO bafike bezocebisa amaciko ngezinto ekumele bazenze nezinye ekumele bazigweme.
Okunye esifuna ukubagxisha khona emakhanda ukuthi kumele bazisebenzise ngendlela efanele izinkundla zokuxhumana ngoba isikhathi esiningi abalisweli i-data.
Kumele bazifundise ukungena koTik Tok nakwezinye izinkundla zokuxhumana bakwazi ukwenza i-content engabangenisela imali baqhubeke nempilo,” kusho uCindy.
Uthe usazoqhubeka nokunxenxa abaxhasi abanjengo Masipala wasendaweni uMngeni ukuthi usondele ubasize ngezinto eziningi.
Uqhube wathi isifiso sakhe esikhulu ukuthi kule ndawo iMandela Capture Site kwenziwe imicimbi yobumnandi ezoheha izivakashi bese zishiye imali emahhotela ukuze umnotho wendawo ukhule.
Omunye wabaculi ofufusayo uMluleki Khanyile, ozibiza ngoWaz, ukhombise ukuzijabulela izindaba zokuthi bahlelelwa iFestival ezokwenza babonwe abaphathi bamarekhodi amakhulu bagcine sebesayinile.