Imbibizane iSilo uMisizulu sinciphiselwa imali
Phila Luthuli
UHULUMENI wakwa Zulu-Natal oholwa iNkatha Freedom Party (IFP) uthuse abaningi wehlisa imali yeminyaka yonke ebhekelela impilo nezidingo zasebukhosini bakwa Zulu.
Imali ebekiwe kulo nyaka ukubhekelela uMisuzulu kaZwelithini imi kuR77.507m, kanti eminyakeni edlule yayiba uR79.565m.
Okuthuse kakhulu wukuthi kuncishiswe ngo-2 million.
Lezi zindaba ezikhulumisa abaningi zivele ngesikhathi uNdunankulu wakwa Zulu-Natal ethula isabelozimali ngoLwesibili ezindlini zesishayamthetho.
UNtuli ucashunwe ethi uHulumeni wakwaZulu-Natal usezinhlelweni zokwakhela iSilo isigodlo esisha.
UNdunankulu uthe ihhovisi lakhe lisekhaleni ekutheni iSilo sikwazi ukwenza wonke umsebenzi waso. Ngaleyo ndlela ihhovisi lakhe uthi linika iSilo konke ukwesekwa.
Phakathi kwemisebenzi yeSilo uNtuli ubale imicimbi yeSintu yeminyaka yonke ukugcina usiko lakwaZulu.
UNdunankulu uphinde wamemezela ukuthi ibhodi elisha elizobhekekela izindaba zasebukhosini.
Ekuqaleni kwenyaka ka-Agasti iPurpuse yabika ukuthi uMisuzulu kaZwelithini waduba uhambo lwaseMalawi okwase kukhulunywe ngalo kaningi.
Lokhu kweza emuva kokuthi iHhovisi likaNdunankulu lehlise isibalo samabutho esasizophelezela iSilo kwakhalwa ngokushoda kwemali.
Isilo sasiphakamise ukuthi sifuna ukuphelezelwa amabutho awu-300 kulo mcimbi.
Umthetho Cultural Festival umcimbi owawuseHora Heritage Centre eMzimba.
Ephendula abezindaba ngemuva kokwethula inkulumo yesifundazwe uNdunankulu uNtuli wathi ngokubambisana noMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu bazoluxhasa uhambo lwaseMalawi.
UMntwana uSimphiwe Zulu watshela abezindaba okunye njengoba waveza ukuthi iSilo asisalubhadi lapho.